Kuxwayiswa abanobucwebe
AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal axwayisa abanikazi bemizi ukuthi bangagcini ubucwebe obuningi ezindlini zabo ngenxa yenqwaba yamacala asevuliwe, okubanjwa kwenkunzi emizini yabantu kuthathwe ubucwebe.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uLt Colonel Thulani Zwane uthe kubukeka sengathi izigebengu zisuke zinolwazi lokuthi yimiphi imizi enobucwebe obuningi ngaphambi kokuthi zigasele kuyo.
UZwane uthe uma umndeni unobucwebe obuningi kuyenzeka ukuthi abomndeni wakho, abasondelene nawe nezisebenzi zakho zidlulise lolu lwazi kwabayizigilamkhuba bese uyahlaselwa.
Unxuse abanikazi bemizi ukuthi ubucwebe babo uma bubuningi babugcine ezindaweni eziphephile ezidalelwe ukugcina izinto zabantu ezibalulekile ngoba ukugcina ubucwebe endlini kubeka engcupheni impilo yabantu.
Amaphoyisa axwayisa umphakathi nje ngoLwesibili, abasolwa abathathu abebehlomile bagasele komunye umuzi eMountain Rise ngaseMgungundlovu bavula ngenkani umnyango, basabisa umnikazi wendlu nomndeni wakhe ngezibhamu.
Kulo muzi kuthathwe ubucwebe obuningi, abasolwa base beyabaleka ngemoto abebefike ngayo.
Kuvulwe icala lokubamba inkunzi esiteshini samaphoyisa eMountain Rise.
UZwane ubuye waxwayisa nabanikazi bezitolo ezidayisa ubucwebe ukuthi baqikelele baqinise nezokuphepha ezitolo zabo ngenxa yezigebengu ezifika ezitolo zizenze abathengi bese zikhipha izibhamu zibabamba inkunzi.