Isibusiso ngokulimala kwabamaProteas
UKUFANISE nesibusiso ukulimala manje kwabadlali abamqoka beqembu lesizwe laseNingizimu Afrika lekhilikithi amaProteas, uLinda Zondi, okunguyena inhloko ekuqokweni kwabadlali okubunjwa ngabo leli qembu elimelwe wukuqeda ishobolo leminyaka lokuhlulwa yisicoco somhlaba.
AmaProteas asemkhankasweni wokuqeda isikhwakhwalala seminyaka engu-26 ehlulwa wukubuya nesicoco seNdebe yoMhlaba njengoba izoba se-England ngoMeyi 2019. Elakuleli lidlala uchungechunge lwemidlalo eyisithupha yosuku olulodwa ne-India.
Libhekene nengwadla yokulinyalelwa abadlali abamqoka okubalwa kubona u-AB de Villiers, Faf du Plessis ongukaputeni noQuinton de Kock. NgoMgqibelo ngo-1.30 emini, amaProteas azogadulisana ne-India emdlalweni wesine wosuku olulodwa eWanderers Stadium, eGoli.
Yize amaProteas exhuga kodwa uZondi akakhathazekile ngokudlala ne-India ngaphandle kwabadlali abawumgogodla weqembu.
“Kuliqiniso ukuthi sibhekene nenkinga ngoba laba badlali abathathu obabalayo ukuthi abekho ngenxa yokulimala, bawumgogodla futhi bangabaholi beqembu. Ngokulimala kwabadlali akukho esingakwenza kodwa lesi simo esinzima kimina sifana nesibusiso. Ukulimala kwabo kuvula ithuba kwabanye ukuthi baziveze ukuthi bangalenzelani izwe,” kusho uZondi.
Uthe akanankinga kangako ngomphumela wale midlalo ewuchungechunge ne-India kepha yena ubheke okuthile kuyona kungakhathalekile noma amaProteas ayanqoba kumbe akhala ngaphansi.
“Kusukela kudala amaProteas ahlale ethwelwe ngeqoma uma kuzoqala umqhudelwano omkhulu. Ngaphansi kobuholi bami ngifuna ukuyiqeda leyo nto ngoba ayisisizi ekugcineni. Ngifuna ukuba nabadlali abazokwazi ukumelana nezimo ezinzima. Siqala kahle njalo emiqhudelwaneni emikhulu bese kuthi uma sekufanele simelane nokucindezeleka kuthombe okhiye. Isimo esibhekene naso manje sisinika ithuba elanele lokubabheka kahle abadlali esizovala ngabo izikhala ukuthi bamisa kanjani ezimeni zokucindezeleka,” kuqhuba lesi sikhulu. NgokukaZondi kuhle ukuthi laba badlali balimale manje kusasele izinyanga ezingu-14 ukuthi kuqale umqhudelwano omkhulukazi e-England.
“Ngifuna ukusidla lesi sicoco ngakho-ke amaphaphu phansi ngalokhu okwenzeka manje. Esingakwenza ukuthi sikhulekele ukuthi bonke abadlali bethu babuyelwe yifomu ukuze sigeze igama lethu ngoba siyiqembu elilele endaweni yesibili kweyosuku olulodwa kanti sibhekene nembangi yethu enkulu i-India engunombolo 1 emhlabeni,” kusho uZondi.
Ukuqinisekisile ukuthi akekho umdlali okuzovalwa ngaye isikhala sikaDe Kock ngoba bebevele becuphe ngoHeinrich Klassen oyi-wicketkeeper. UDe Villiers kulindeleke ukuthi abe khona emdlalweni wangoMgqibelo.