Siluleme isilomo kwalimala abanye kwiChiefs
IZINDABA ezimnandi kumqeqeshi weKaizer Chiefs, uSteve Komphela, ngokwelulama kwesithandwa somgadli esinguBernard Parker ziphelezelwe ezingezinhle njengoba kuvela ukuthi kubanjwe umoya ngoPhilani Zulu noGeorge Maluleka.
UParker, obengakaze abonakale kwiChiefs kulo nyaka ngenxa yeqakala ebelimumise kabi, useluleme ngokugcwele futhi usethubeni lokubonakala koweLast 32 yeNedbank Cup neLamontville Golden Arrows ngeSonto ngo3.30 ntambama, eFNB Stadium, eNasrec.
Mayelana nesimo sikaZulu noMaluleka, udokotela waleli qembu uDave Milner, uthe kubanjwe umoya ngabo futhi kuphakathi kokuthi badlale kumbe bangabonakali. UZulu unenkinga efanayo nale ebihlupha uParker kwazise ushayeke kabi eqakaleni bebhekene neBidvest Wits muva nje. Ukhala ngesihluzu uMaluleka naye othinteke kuwona lo mdlalo weWits ophele ngo 1-1.
“UZulu noMaluleka kubanjwe umoya ngabo kodwa sizoqhubeka nokubabheka njengoba kuhamba isonto kodwa ngingakuqinisekisa ukuthi uParker useluleme futhi kusele kuKomphela ukuthi uzomsebenzisa noma cha,” usho kanje uMilner kwi-website yeChiefs.
Omunye umdlali oseluleme lapha uTsepo Masilela kodwa akakaqali ukuziqeqesha nabanye. Ayizange ivezwe imbangela yalokhu kodwa kubukeka kuzoba nzima ukuthi lo mdlali oke wagijima kwiSpanish La Liga abuyele esikimini kwazise uZulu udlala kahle. Uma engalulami kowe-Arrows kulindeleke ukuthi kudlale uSiphosakhe Ntiyantiya namanje okusakhulunywa ngaye ngendlela adlale kahle ngayo ebonakala okokuqala.
Kule ndawo kusekhona noSibusiso Khumalo oke walimala kodwa ezakamuva zithi useluleme yikhona nje ukweqiwa yijezi. Ngendlela eselimeqe ngayo ijezi nokuphazanyiswa ukulimala, bekulindeleke ukuba adedelwe lo mdlali waseNanda njengoba bekuvuleke iwindi lokushintshana ngabadlali.
UMilner uphawulile nangoKabelo Mahlasela othengwe kwiBloemfontein Celtic waphambana noLorenzo Gordinho kodwa waba nebhadi lokulimala eziqeqesha okokuqala naMakhosi.
“Useqalile wenza okufanele akwenze kodwa usahamba ngazo izinduku kanti nokhonkolo akakawukhiphi. Kusemqoka simnike isikhathi esanele kwazise uhlinziwe. Ngicabanga ukuthi njengoba eseqalile ewujimisa umlenze olimele, sibheke ukuthi emasontweni ayisishiyagalombili sibe sesikhuluma okunye,” kusonga uMilner.