Amathemba eseSuper Rugby akwiSharks
I-CELL C Sharks iyona ethwelwe ngeqoma emaqenjini aseNingizimu Afrika ukuthi ihambe ibanga elide kwiVodacom Super Rugby yale sizini njengoba sekusele izinsuku ezimbalwa ukuthi lusuke ushikishi.
Lokhu kucaca kakhulu uma ubheka abadlali basemuva anabo esikwatini sakhe uRobert du Preez.
ISharks ibophele cishe ukuwedlula wonke awakuleli kulolu hlobo lwabadlali kwazise iyona evamise ukuvusa inyamazane. Kulaba badlali kulapho kuvela khona ama-try kanti yibona futhi abavimba amatry angena ngakubona.
Ngisho ngabe ubani umqeqeshi ozongena kumaBhokobhoko uma ekwazi okumfanele kuzofanele abheke kwiSharks uma efuna ama-try.
Kule ndawo iSharks ibophele uLwazi Mvovo, Makazole Mapimpi, Kobus van Wyk, Leolin Zas nesikwibhisi esinguS’bu Nkosi. Ngaphezu kwalokhu uDu Preez ubukeka ezosebenzisa uCerwin Bosch kwi-fullback yize kulindeleke ukuthi le ndawo idlalwe uMvovo kowokuqala.
Umdlalo wokuvula isizini usekuhambeni ne-Emirates Lions ngoMgqibelo ngoFebhuwari 17 ngo3.05pm ntambama, e-Emirates Airlines Park, eGoli.
Leli qembu lijwayele ukuyithwalisa kanzima iSharks kodwa kulokhu kulindeleke ukuthi kwehluke lokho. Phakathi kwezinkinga ezibhekene neLions kugqama eyokulimala kukaCourtnall Skosan osanda kulimala umsipha ohlanganisa isihluzu nesithende. Uma iLions inenhlanhla lo mdlali angaze abonakale ngasekupheleni kwesizini.
NoRuan Combrinck oyisihlabani seLions ngeke awuqale umqhudelwano ngenxa yokulimala. KwiStormers ukuhamba kukaCheslin Kolbe oye eFrance kubashiye bezacile kule ndawo. Kuzobajabulisa nokho abaningi ukuthi uSeabelo Senatla uzothola ithuba elithe xaxa kulokhu kanti indawo kaKolbe izodlalwa uSP Marias. Kulindeleke ukuthi aqhubeke nokulihola njengesibani leli qembu laseKapa uSiya Kolisi.
Akukho okutheni okulindeleke kwiVodacom Blue Bulls yize kuyilona iqembu lakuleli elazi ukuthi kunjani ukudla lesi sicoco esidlalelwa amaqembu aseAustralia, New Zealand, Japan, iNingizimu Afrika ne-Argentina. Leli qembu likaJohn Mitchell lizothembela kuWarrick Galant ukuthi abuyise ifomu eze yamfaka kumaBhokobhoko nyakenye.