Akazesabi izilomo zeChiefs owe-Arrows
AKANALO uvalo ngengozi yezilomo zabadlali beKaizer Chiefs abasha umqeqeshi weLamontville Golden Arrows uClinton Larsen.
Abafana Bes’thende bazodudulana naMakhosi ngeSonto ngo-3.30 ntambama emdlalweni weLast 32 yeNedbank Cup e-FNB Stadium, eNasrec.
ULeonardo Castro noSiphelele “Stashi” Ntshangase bakhombisa ukuba yingozi ngaso sonke isikhathi uma bengena emidlalweni yeChiefs. Umqeqeshi weChiefs uSteve “Mphathi” Komphela ubengakaze abaqalise imidlalo kwazise ubafaka ngesiwombe sesibili ngaso sonke isikhathi.
“Ngichazekile ngomsebenzi omuhle owenziwa nguKomphela. Ngokwami uma ingabalwa iMamelodi Sundowns neCape Town City ngicabanga ukuthi iChiefs ingelinye lamaqembu akhombisa umgqigqo yize abaningi bezongiphikisa ngalokhu engikushoyo. Ukufika kukaCastro noNtshangase kwenze umehluko. Ngakho ngeke kube lula.
“Kwesinye isikhathi kuthatha isikhathi kwabanye abadlali ukungena egiyeni. Thina silungele noma yini. Uma beqala ngoNtshangase noCastro okuyinto abangayenza sizoqhamuka nohlelo lokubhekana nabo. Uma besebenzisa iqembu labo elijwayelekile abebekade belisebenzisa ezinyangeni ezedlule sizoqhamuka nohlelo lokubhekana nalo. Asifuni ukugembula ngoba inhloso yethu wukufika sihlome ngayo yonke indlela,” kusho uLarsen.
I-Arrows yagcina ukufinyelela kowamanqamu ngo-2009 ngesikhathi ikhala yemuka nesicoco seMTN
8.
“Ukufinyelela kowamanqamu noma kowandulela owamanqamu akuthi shu uma ungeke uyinqobe indebe. Yize sihambe ibanga elide ngonyaka odlule kodwa lokho akusho lutho ngoba emlandweni akekho oyosikhumbula kodwa into eyokhunjulwa wukuthi ngubani owanqoba indebe. Leli yithuba lokuthi iqembu liphakamise indebe. Wonke amaqembu ayingxenye yalo mqhudelwano afuna ukuba ngompetha. Angiboni ukuthi kukhona iqembu elizibekele umgomo wokufinyelela kuma-semi final noma kuma-quarterfinal,” kusho uLarsen.
Iqembu laKwaZulu-Natal elisenze kahle kwiNedbank Cup, AmaZulu. Ngo2010 ashaywa yiBidvest Wits ngo 3-0. E-KZN alikho iqembu eselike lanqoba lo mqhudelwano.