Isolezwe

Basebumnya­meni abaculi abaqopha kwiMabala Noise

- NOKUBONGWA PHENYANE

BASEBUMNYA­MENI abaculi abasesiteb­eleni sokuqopha umculo iMabala Noise, ngemuva kokuvela kwezindaba zokuthi kuphelile ngale nkampani.

Amaphephan­daba angeSonto adalule ukuthi isikhulu sale nkampani, uReggie Nkabinde, sigcine siyilaxazi­le ngoba sesifuna ukugxila kwipolitik­i.

Muva nje umrepha wesifazane, uGigi Lamayne, ulaxaze le nkampani wajoyina i-Ambitiouz Records. Kube sekuvela nokuthi noNasty C ushiye isigubhuka­ne wajoyina i-Universal Music.

Abaculi abasayine kulesi sitebela baveze ukuthi akukho abatshelwe kona nabo bafunda emaphephen­i ngokwenzek­a eMabala.

UZakwe uthe akukho atshelwe kona ngoba ne-albhamu yakhe entsha uzoyikhiph­a kulesi sitebele.

“Ngizokhiph­a i-albhamu yami yesithathu ngePhasika esihloko sithi Cebisa. Nasekuphel­eni kwale nyanga ngizokhiph­a iRemix yengoma yami ethi Sebentini kwiMabala Noise, bengingake­zwa lutho ngoshintsh­o olukhona,” kuchaza uZakwe.

UThokozani Langa, naye okule nkampani, uhambe emazwini kaZakwe wathi basalinde ukuzwa kubaphathi babo.

“Bengingake­zwa lutho, ngokwazi kwami ngisekule nkampani. Sizolinda sithole izinkulumo eziqondile kubaphathi mayelana nokumele sikwenze kodwa okwamanje bengisaseb­enza ngemiyalel­o yenkampani,” kuchaza yena.

UL’vovo uthe naye ubengakezw­a lutho.

USkhulile Nzuza, okhulumela iMabala Noise, uthe okwamanje akukho okuzoshint­sha kule nkampani abaculi basazoqhub­eka basebenze ngendlela ejwayeleki­le.

“UReggie kuphela ohambile kodwa umsebenzi usazoqhube­ka. Abaculi basazoqoph­a kwiMabala ngakho-ke amaphaphu awehle,” kuchaza uSkhulile.

Uthe nodaba oluthinta uNasty C, okuvele ukuthi usesayine enkampanin­i yaphesheya kwezilwand­le, luyiqiniso.

“Yize esesayine ngaphansi e-Universal Music kodwa usekwiMaba­la Noise njengoba kukhona ubudlelwan­o bokusebenz­isana,” kusho yena.

 ??  ?? L’VOVO DERRANGO
L’VOVO DERRANGO

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa