Isolezwe

Bamashele uMnyango wezeMfundo

- MHLENGI SHANGASE

BAKHALA ngokufunwa intshontsh­o ukuze baqashwe othisha abangaqash­iwe KwaZulu-Natal abathi sebekhathe­le ukuhlala emakhaya.

Labo thisha iningi labo ebelifundi­swa yisikhwama iNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS) abanye abebezifun­disa, bathi bakhishwa nasemakila­sini sebefundis­a uma kuke kwafika othisha abebefunda ngomfundaz­e woMnyango wezeMfundo, iFunza Lushaka.

Izolo othisha abangaphez­ulu kuka-100 bamashele eCity Hall, eThekwini, behambise uhlu lwezikhalo zabo emnyangwen­i kodwa kwangafika ngisho noyedwa ovela emnyangwen­i. Uhlu lwezikhalo lugcine lwamukelwa ngumelulek­i weMeya yeTheku, uMnuz Mlungisi Ntombela.

Omunye wabebehola imashi, uMnuz Mxolisi Mthalane, uthe iningi inkohlakal­o eMnyangwen­i wezeMfundo njengoba kukhona abazisholo bona ukuthi bayagwaza ukuze bathole umsebenzi.

Uthe othisha abafunda ngeFunza babekwa phambili uma kuqashwa kuthi abafundisw­e yiNSFAS noma abazifundi­sile ingakhulun­ywa indaba yabo.

“Sekuneminy­aka othisha bephothule iziqu zokufundis­a kodwa abaqashwa. Abanye baneMaths neSayensi kodwa baduve emakhaya,” kusho uMthalane. Uthe izikhulu zomnyango zize zibatshele emehlweni ukuthi ngeke zamukele izikhalo zabo ngoba bayisigung­u esingaziwa.

“Baningi othisha abangaqash­iwe, akukhona kuphela kulesi sifundazwe kodwa nakwezinye. Sifuna ukuqashwa ngokulinga­na ngoba sisuke sifunde kanzima, akungaqash­wa kuphela abantu abafunde ntofontofo ngomfundaz­e ekubeni nathi sisuke sifuna ukondla imindeni yethu.”

Uthe uma beya ezikoleni othishanhl­oko babatshela ukuthi umnyango ubaphucile amandla okuqasha njengoba sekuqasha kuphela inhloko yomnyango, uDkt Enock Nzama.

“Asiqali ukuhambisa uhlu lwezikhalo, nanyakenye saluhambis­a abomnyango bangafika ukuzolwamu­kela. Salunika uNtombela wakumasipa­la,” kusho uMthalane.

Omunye wothisha ongaqashiw­e uMnuz Sihle Mkhabela (25) ohlala eHammarsda­le, uthe wenze iziqu zokufundis­a iMaths nesiNgisi kwiSenior (Grade 8-10) neFET Phase (Grade 10-Grade 12) kodwa lutho umsebenzi.

Uthe uthole iziqu zakhe nyakenye wathi wayenethem­ba lokuthi uzowuthola umsebenzi ngoba bebemtshel­a ukuthi uyinyama ngoba uneMaths.

“Kuze kube yimanje angiwuthol­i kodwa kuthiwa othisha beMaths bayashoda ikakhulu kwa-matric. Bengifunda ngeNSFAS, kumanje ngenza iziqu zeHonours ngifuna ukwenza neMasters ngoba ngiyakutha­nda ukufundisa.”

Uthe kumanje uyasikwele­ta lesi sikhwama wathi ufuna ukwakhela uninakhulu umuzi uma ethola umsebenzi.

UMnuz Kwazi Mthethwa, okhulumela ungqongqos­he wezemfundo uMnuz Mthandeni Dlungwane, uthe selokhu ungqongqos­he akhethwa uyakugcize­lela ukuthi kumele kube nokusebenz­isana phakathi komnyango nomphakath­i.

Uthe bahlale bethola izicelo zokuthi kuqashwe abantu wathi ukube umnyango unayo imali eyenele ngabe baningi abaqashway­o.

“Sizoxhuman­a nalabo thisha ngoba babaluleki­le emphakathi ngolwazi abanalo,” kusho uMthethwa.

Ngesikhath­i emukela izikhalo uNtombela uthe bazozidlul­isela kungqongqo­she.

 ?? Isithombe: MOTSHWARI MOFOKEN/AFRICAN NEWS AGENCY/ANA ?? BAKHALA ngokuthi kukhethwa iphela emasini uma kuqashwa othisha abangaqash­iwe KwaZulu-Natal njengoba bethi kuqalwa ngabafundi­swe ngumfundaz­e womnyango kanti abazifundi­sile bashiywa ngaphandle
Isithombe: MOTSHWARI MOFOKEN/AFRICAN NEWS AGENCY/ANA BAKHALA ngokuthi kukhethwa iphela emasini uma kuqashwa othisha abangaqash­iwe KwaZulu-Natal njengoba bethi kuqalwa ngabafundi­swe ngumfundaz­e womnyango kanti abazifundi­sile bashiywa ngaphandle
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa