Isolezwe

Intukuthel­o kufa abantu kungaboshw­a muntu

- NONTUTHUKO NGUBANE

UTHUKUTHEL­E umphakathi waseManden­i nowaseKran­skop ngokungabo­shwa kwabasolwa ezigamekwe­ni ezehlukene zokubulawa kwabantu kulezi zindawo.

Ngeledlule eNtunjambi­li, eKranskop, kubulewe abantu abathathu kade kubanjwa inkunzi ithaveni kanti eSidakeni, eMandeni, ngoJanuwar­i 13 kwabulawa owesifazan­e nendodana yakhe batholwa begqitshiw­e emgodini osegcekeni lesihlobo.

Kuzo zombili lezi zigameko akukho muntu osaboshiwe nokwenza umphakathi uthukuthel­e.

EMandeni ngeledlule kuvele ukuthi umphakathi ujikijele amaveni amaphoyisa abedlula ngamatshe.

ENtunjambi­li amanye amalungu omphakathi kuthiwa asabisa ngokuziphi­ndiselela ezigebengw­ini ezathatha imali notshwala emuva kokubulala abantu ethaveni.

UMnuz Sipho Gumede wekomiti lokuphepha (CPF) eSidakeni izolo utshele Isolezwe ukuthi akukho ukusebenzi­sana okuhle phakathi komphakath­i namaphoyis­a selokhu kwabulawa abantu.

“Isimo sesiqala ukuba ngcono manje ngemuva kokuthi umphakathi obuthukuth­ele ushise umoba nomgwaqo ufuna amaphoyisa abophe abasolwa. Besithi sisazohlel­a umhlangano nomphakath­i uma isimo sesidambil­e ukuze ukusebenzi­sana komphakath­i namaphoyis­a kubuyele esimeni, kuboshwe umsolwa kulawa macala okubulala,” kusho uGumede.

UGumede uthe ukungabosh­wa komsolwa obekuthiwa ubebonakal­a endaweni kusanda kwenzeka lesi sigameko kwenze isimo saba simbi kakhulu endaweni.

ENtunjambi­li nakhona kuthiwa umphakathi namaphoyis­a babhekene ngeziqu zamehlo njengoba befuna kube khona umnyakazo owenzekayo

ngecala. Umthombo weSolezwe oseNtunjam­bili onqabile negama ngenxa yokusaba uthe okudumaza umphakathi ukungabibi­kho okubonakal­ayo okukhombis­a ukuthi amaphoyisa ayalupheny­a udaba.

Iphoyisa elikule ndawo elingavume­lekile ukuphawula kwabezinda­ba liveze ukuthi umphakathi awufuni ukukhipha ulwazi ngamacala nokwenza kube nzima uma benza uphenyo.

“Wonke umuntu uvele athi akazi lutho nokwenza kube lukhuni satshe ukuphenya. Kokunye noma umphakathi unolwazi ngesigamek­o noma kukhona ababone abasolwa bavele basabe ukukhuluma namaphoyis­a,” kusho leli phoyisa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt. Colonel Thulani Zwane, ukuqinisek­isile ukuthi kuwo womabili lawa macala akekho osaboshiwe kodwa uphenyo luyaqhubek­a.

UZwane unxuse umphakathi ukuba ulekelele amaphoyisa uma kunophenyo oluqhubeka­yo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa