Intukuthelo kufa abantu kungaboshwa muntu
UTHUKUTHELE umphakathi waseMandeni nowaseKranskop ngokungaboshwa kwabasolwa ezigamekweni ezehlukene zokubulawa kwabantu kulezi zindawo.
Ngeledlule eNtunjambili, eKranskop, kubulewe abantu abathathu kade kubanjwa inkunzi ithaveni kanti eSidakeni, eMandeni, ngoJanuwari 13 kwabulawa owesifazane nendodana yakhe batholwa begqitshiwe emgodini osegcekeni lesihlobo.
Kuzo zombili lezi zigameko akukho muntu osaboshiwe nokwenza umphakathi uthukuthele.
EMandeni ngeledlule kuvele ukuthi umphakathi ujikijele amaveni amaphoyisa abedlula ngamatshe.
ENtunjambili amanye amalungu omphakathi kuthiwa asabisa ngokuziphindiselela ezigebengwini ezathatha imali notshwala emuva kokubulala abantu ethaveni.
UMnuz Sipho Gumede wekomiti lokuphepha (CPF) eSidakeni izolo utshele Isolezwe ukuthi akukho ukusebenzisana okuhle phakathi komphakathi namaphoyisa selokhu kwabulawa abantu.
“Isimo sesiqala ukuba ngcono manje ngemuva kokuthi umphakathi obuthukuthele ushise umoba nomgwaqo ufuna amaphoyisa abophe abasolwa. Besithi sisazohlela umhlangano nomphakathi uma isimo sesidambile ukuze ukusebenzisana komphakathi namaphoyisa kubuyele esimeni, kuboshwe umsolwa kulawa macala okubulala,” kusho uGumede.
UGumede uthe ukungaboshwa komsolwa obekuthiwa ubebonakala endaweni kusanda kwenzeka lesi sigameko kwenze isimo saba simbi kakhulu endaweni.
ENtunjambili nakhona kuthiwa umphakathi namaphoyisa babhekene ngeziqu zamehlo njengoba befuna kube khona umnyakazo owenzekayo
ngecala. Umthombo weSolezwe oseNtunjambili onqabile negama ngenxa yokusaba uthe okudumaza umphakathi ukungabibikho okubonakalayo okukhombisa ukuthi amaphoyisa ayaluphenya udaba.
Iphoyisa elikule ndawo elingavumelekile ukuphawula kwabezindaba liveze ukuthi umphakathi awufuni ukukhipha ulwazi ngamacala nokwenza kube nzima uma benza uphenyo.
“Wonke umuntu uvele athi akazi lutho nokwenza kube lukhuni satshe ukuphenya. Kokunye noma umphakathi unolwazi ngesigameko noma kukhona ababone abasolwa bavele basabe ukukhuluma namaphoyisa,” kusho leli phoyisa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt. Colonel Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuthi kuwo womabili lawa macala akekho osaboshiwe kodwa uphenyo luyaqhubeka.
UZwane unxuse umphakathi ukuba ulekelele amaphoyisa uma kunophenyo oluqhubekayo.