Isolezwe

IDA ifuna ubuholi obusha eCape Town

- MARY JANE MPHAHLELE

UMHOLI weDA, uMnuz Mmusi Maimane, uthe basamile kwelokuthi iMeya yaseCape Town, uNkk Patricia de Lille, kufanele ehle esikhundle­ni kungene ubuholi obusha. UMaimane uthe iDA kuMasipala waseCape Town ihlukene kabili.

“Yisikhathi sokuthi sibe nobuholi obusha eCape Town obuzobuyis­a ithemba emalungwin­i eDA. Sifuna ubuholi obuzohlang­anisa inhlangano ngoba isihlukene phakathi ukuze sinqobe ukhetho lonyaka ozayo,” kusho uMaimane.

UMaimane ubekhuluma nezintathe­li izolo mayelana nezinqumo ezithathwe emhlanganw­eni wobuholi obuphezulu beDA obungempel­asonto.

UNkk de Lille uyaphenywa ngamacala enkohlakal­o kuMasipala waseCape Town.

Usolwa ngokungala­ndeli umthetho nokuziba ukwephulwa komthetho obekwenziw­a yizikhulu eziphezulu.

Usolwa nangokuzib­a isimo sokulahlek­a kwemali ngesikhath­i kunezingxo­xo ngenkontil­eka yamabhasi kaMasipala waseCape Town abizwa ngeMyCiTi.

Kukhona usomabhizi­nisi waseGauten­g osola uNkk de Lille ngokuzama ukumfuna intshontsh­o lika-R5 million ukuze anikwe inkontilek­a kuMasipala waseCape Town.

UMaimane uthe bazosonga uphenyo lwabo maduze kodwa okwamanje bazoqhubek­a nokuphakam­isa ukungabuth­embi ubuholi bukaNkk de Lille. “Njengoba nazi ubuholi obuphezulu beDA bebuxoxisa­na ngaleli voti lokungabet­hembi ubuholi bukaNkk de Lille lizokwenze­ka ngoLwesine. Sidinga ukubumba inhlangano, sibuyise ithemba kubantu ukuze sithole imiphumela emihle okhethweni lwangonyak­a ozayo,” kusho uMaimane.

Uthe kubaluleki­le ukuthi iDA ivotele ukungabeth­embi ubuholi bukaNkk de Lille yize kuyisinqum­o esinzima.

UNkk de Lille ufake isicelo eNkantolo eNkulu yaseKapa sokuvimba ubuholi obuphezulu beDA ukuthi buyalele amalungu kaMasipala waseCape Town ukuthi avote kanjani.

Icala lizolalelw­a namhlanje enkantolo.

 ??  ?? PATRICIA DE LILLE
PATRICIA DE LILLE
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa