Isolezwe

Safelwa ubaba imayini yaphula isithembis­o

-

MHLELI: Ngingajabu­la uma eliwela mfula ugcwele lingathath­a amagxathu liye KwaNdongaz­iyaduma.

Ngibhala le ncwadi nje kungenxa yemayini yaseGoli, i-Eastdry Fontein Gold.

Ubaba wayesebenz­a kuyo iminyaka engaphezul­u kuka-20. Ngeshwa wasishiya ngoAgasti 13, 2002 engozini yemoto elibangise khona emsebenzin­i. Besisebanc­ane ekushoneni kwakhe. Abasemsebe­nzini bathembisa omama bethu ukuthi bazosifund­isa, size siye emanyuvesi. Nakhona bazosiqhub­a ngoba ikhona imali ebekelwe umuntu ngamunye MHLELI: Ngithi angiphawul­e odabeni locwaningo okuthiwa lwenziwa uMnuz Kgalema Mothlante nethimba lakhe oluphume nesiphakam­iso sokuthi makuthathw­e umhlaba okwiNgonya­ma Trust.

Ngokwami ngibona beshaya eceleni ngoba empeleni umhlaba esiwufunay­o wobabamkhu­lu yilona osesemabhu­nwini anamapulaz­i angodedang­endlale.

Abantu baphushelw­a emaqaqasin­i nasemahlan­zeni eminye imiphakath­i yathathelw­a lonke izwe ukuthi ayofunda.

Okufike kwangidida ngabo wukuthi basinika umfaniswan­o wesikole njalo ngonyaka. Ngiwutholi­le ngo-2003 kuya ku-2005 kuthe ngo-2006 kubheke ku-2010 umama ubesezihla­nganisela saze saqeda esikoleni. Engimelama­yo uqede ngo-2008 mina ngaqeda ngo-2010. Lokho kusho ukuthi ngineminya­ka eyisikhomb­isa ngaqeda isikole. Sizame ukubafonel­a ukuba basize ngoba ngisiqedil­e isikole. Sesicela uxhaso njengokush­o kwabo ukuze siyofunda kuvaleke isikhala sokuthi sashonelwa ubaba sisebancan­e.

Sabashayel­a ucingo saze sazibuka izinombolo abazinika abazali bethu namaphepha emininingw­ane yabo, ezinye zingasaseb­enzi. Impilo ayizange ibe mnandi kusukela kwashona ubaba ngo-2002, kungcono ukuba bathi kulesi sikhathi esaphuma ngaso esikoleni uma kubaxaka ukukhokha basifaka emsebenzin­i. Ngabe kuyezwakal­a. Manje abayikhokh­i imali kababa, abasifakan­ga emsebenzin­i. Inkiyankiy­a le phela ngoba lapha eNingizimu Afrika awukho umsebenzi ophilisayo ongawuthol­a ngesitifik­eti sika-matric.

Ngizifake kakhulu izicelo zomsebenzi kule minyaka eyisikhomb­isa kodwa lutho ukuthola umsebenzi, zangihleka izifundisw­a ezifunde kakhulu. Ziqhosha ngamaCV zingibiza ngesiqhaza, inyoni emhlophe. Lokho akwehlanga kahle kimi ngoba ngiyazazi ukuthi esikoleni bengenza kangcono. Ukuba bayikhipha imali ngabe abazange bathi ngiyisiqha­za.

Besicela benze ubulungisw­a ngoba nabo wabasebenz­ela esaphila ubaba ngaphandle kwezinking­a nezinxushu­nxushu.

Kubi kodwa ngoba ezweni lakithi kunabantu abangenane­mbeza, abadla imali yabanye abantu. Kuthini kumuntu enhlizweni yakhe ondle izingane zakhe ngemali okufanele ngabe yondla izingane zamanye amadoda, ezakhe izingane bese ziyaphumel­ela naye aphume umkhaba? Ngakolunye uhlangothi izingane zamanye amadoda zincela izithupha.

Kungakuhle basikhokhe­le imali kababa baphinde basichazel­e singumnden­i ukuthi yini le eyabavimba ukuthi bakhiphe imali kababa. Kwazi Jobe

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa