Isolezwe

Unqindwe yimithetho yeFifa u-Erasmus

- MINENHLE MKHIZE

I-ORLANDO Pirates iyazihlang­ula kuKermit Erasmus osanda kunqamula inkontilek­a yakhe neStade Rennais FC yaseFrance. UFloyd Mbele oyisikhulu sePirates utshele Isolezwe ukuthi kuzobahlul­a ukusayinis­a u-Erasmus ngenxa yemithetho yeFifa.

“Imithetho yeFifa ikubeka kucace ukuthi akakwazi ukudlala eNingizimu Afrika. Angasayina emazweni anjengoSwe­den, Turkey naseRussia. Ngakho indaba yakhe ifana nento engekho. Asikwazi ngisho ukuqala sikhulume ngayo. Ukuba inkontilek­a yakhe uyinqamule ngesikhath­i kusavulwe iwindi besingakwa­zi ukukhuluma naye ngokuthi azodlala kithina. Lapha eNingizimu Afrika angaze asayine uma sekuqala isizini entsha (ka-2018/2019),” kusho uMbele.

Yinto eyaziwayo ukuthi iPirates ifuna umgadli ongalibhek­i ipali. Leli qembu lihluleke lancama wukuthola uJeremy Brockie waseNew Zealand ogcine esayine kwiMamelod­i Sundowns.

U-Erasmus obegijima kwiSuperSp­ort United ngaphambi kokuya kwiBucs, kuvela ukuthi ubebiza izindodla zemali. Abanye abagadli abebematan­iswa neBucs nguEvans Rusike obedlala kwiMaritzb­urg United noThobani Mncwango obeyibamba kwiPolokwa­ne City.

URusike ugcine esayine kwiSuperSp­ort kwathi uMncwango wazitholel­a ikhaya elisha kwiBidvest Wits. U-Erasmus ushiye iPirates ngo-2016 esehlale amasizini amathathu kuleli qembu. Lo mgadli usize eZimnyama zafinyelel­a kowamanqam­u weCAF Confederat­ion Cup ngo-2015 kwathi ngo-2014 wafaka isandla iPirates imuka nesicoco seNedbank Cup.

U-Erasmus ufike walizwa ngendaba ijezi kuleli qembu laseFrance. Ngesizini edlule ubebolekis­we kwiLens edlala esigabeni esiphansi kwiligi yaseFrance. Lo mgadli weBafana ufike wehluleka wancama wukushaya amagoli kwiLens okuholele ekutheni imbuyisele kwiRennes.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UKERMIT Erasmus ongenaqemb­u akakwazi ukusayina eqenjini laseNingiz­imu Afrika ngenxa yemithetho yeFifa
Isithombe: BACKPAGEPI­X THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UKERMIT Erasmus ongenaqemb­u akakwazi ukusayina eqenjini laseNingiz­imu Afrika ngenxa yemithetho yeFifa
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa