Kungaba nengozi othandweni
UMUZWA wothando yinto ejabulisa noma ngubani, abanye bazizwa bezelwe kabusha ngenxa yothando. Omunye uyehluleka nokufihla ukuthi unesithandwa esisha njengoba abanye beshintsha nendlela yokugqoka.
Maningi nokho amaphutha enziwa ngabantu ngoba sebephuphuthekiswe wuthando, bangacubunguli nezinye izinto ezibalulekile othandweni.
Njengoba namuhla kuyiValentine’s Day, baningi abazohlulwa wuthando, abanye abazobe beqala ukuhlangana nabacabanga ukuthi bangomaqondana.
Isolezwe likhulume nongoti kwezothando ukubheka ukuthi yini ebalulekile ukuthi icutshungulwe ngaphambi kokusanganiswa wuthando.
UNkk Thandi Ngonelo ongumeluleki, uthi wonke umuntu uqala athathwe yindlela omunye abukeka ngayo. Uthe ingozi ngalokhu wukuthi umuntu uvele athande indlela umuntu abukeka ngayo engakalazi ingaphakathi lakhe. Uveza ukuthi kubalulekile ukuhlolisisa indlela umuntu ayiyo ngale kokuthi uyabukeka. Uveza nokuthi ziningi kakhulu izethembiso ezenziwayo uma abantu besashelana, ezinye ezingenzeki uma sekuthandanwa.
Encwadini yakhe ethi Ubuhlungu Bokuthanda Ungathandwa, umbhali wezothando uNksz Bongi Malishe uthi kumele uzazi wena kuqala nokuthi ujatshuliswa yini ngaphambi kokukwazi ukujabulisa omunye.
Uthi akumele ungene othandweni uma ungakapholi ebuhlungwini bolunye uthando.
Okumele ukubheke ngaphambi kokusanganiswa wuthando:
Imvelaphi yomuntu Kubalulekile ukwazi imvelaphi ngaphambi kokuzibophezela othandweni naye. Imumva lakhe likutshela kabanzi ngempilo ayiphilayo.
Lokhu kusiza nokukulungiselela ukuthi ubone ukuthi ningakwazi yini ukuphilelana.
Kucace zisuka nje ukuthi nizimisele ukwenze njani ngothando lwenu ukuze ungazichitheli isikhathi.
Hlolisisa uthando Kulula ukuluthwa wuthando ngoba kukhona abakwaziyo ukuzenzisa uma befuna okuthize. Mxwaye umuntu ohlala efuna kube nguwena owenza izinto othandweni yena amukele kuphela. Qaphela uma eshesha afune niye ocansini. Ukulinda isikhathi enivumelana ngaso nobabili kukhomba ukuthi uyakwazi ukubekezela njengoba uthando kuthiwa lunjalo.
Makucace ngezimali Imali ngezinye zezinto ezixabanisayo othandweni. Akusebona abobulili obuthize kuphela abafuna ukuhlomula ngemali nomnotho othandweni. Makungabi nguwena okhipha imali njalo uma kudingeka nizijabulise.
Uma ehlala exolisa nezizathu ezenza angakwazi ukwenza okuphathelene nemali, kwamukele ukuthi nizophila leyo mpilo ngaso sonke isikhathi.
Ukushayelwa imithetho Kuhle ukuhloniphana nokuveza izinto umuntu angazithandi kodwa kuhlukile kunokushayelwa imithetho. Ungavumi ukulawulwa umuntu afune nokukukhethela indlela okumele uyiphile. Mxwaye ozogxeka abangani, umndeni wakho nabantu osondelene nabo.
Uma ehluleka ukuthanda umndeni wakho, mancane amathuba okuthi nawe akuthande ngokweqiniso.
Akalungile umuntu ohlala ekhuluma kabi ngowakhe umndeni kodwa ofuna ukuziphilela yedwa.