UMbeki wamukele ukuhoxiswa kukaZuma
OWAYENGUMENGAMELI waseNingizimu Afrika, uMnuz Thabo Mbeki, ukwamukele ukuhoxiswa kukaMengameli Jacob Zuma esikhundleni sakhe yi-ANC wathi lokhu kumele ngabe kade kwenziwa.
Ekhuluma egameni le-Foundation yakhe, uMbeki uthe abantu baseNingizimu Afrika kade bathi uZuma akahoxiswe esikhundleni.
“Ezinye zezizathu ezenza ukuthi abantu bashaye amakhala ngoZuma wukuthi unamacala angase amvukele futhi igama lakhe livela kabi ekungaphathini ngendlela amabhizinisi kahulumeni, uyathinteka nasezinsolweni zokulawulwa kombuso yidlanzana,” kusho uMbeki.
Uthe kumele ngabe kade zabekwa phambili izimfuno zabantu ngokuthi akhishwe esikhundleni uZuma.
“Njengelungu le-ANC eliziphethe kahle futhi eliwuhloniphayo umthethosisekelo wezwe, uZuma kumele axhumane noSomlomo wePhalamende, uNksz Baleka Mbete, afake incwadi yokwesula kwakhe njengomengameli wezwe.”
Umshana kaZuma, Inkosi Simphiwe Zuma, uthe uZuma kumele aphose ithawule asule. “Manje ngiyavuma ukuthi kumele azibeke phansi izintambo ngoba i-ANC isikhulumile.”
Uthe kodwa kulele kuyena uMengameli ukuthi ehle, wengeza ngokuthi uMengameli ungumuntu okhaliphile, ngeke angasihloniphi isinqumo seqembu.
Khonamanjalo, iDA ithi isinqumo se-ANC sokuhoxisa uZuma esikhundleni sakhe sifana nokudlala ngesikhathi.
Ithe yiPhalamende kuphela elingagudluza uZuma esikhundleni sakhe.
UMholi weDA uMnuz Mmusi Maimane uthe isinqumo se-ANC asisho lutho.
“Iyodwa kuphela indlela yokukhipha uZuma njengomengameli, wukuthi kube nesiphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe ePhalamende ngoba yiphalamende kuphela elikhetha liphinde lixoshe umengameli,” kusho uMaimane.
IPhini likaMengameli we-EFF, uMnuz Floyd Shivambu, lithe bayasamukela isinqumo sokuhoxiswa kukaZuma.
UShivambu uthe abakholwa wukuthi uZuma uzovuma ukwesula, wengeza ngokuthi bazohlangana naye ePhalamende uma sekudingidwa isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe.
ISACP nayo ikwamukele ukuhoxiswa kukaZuma.
INhloko yezokuXhumana kwiSACP, uMnuz Alex Mashilo, ithe isinqumo sizokhomba indlela ngoba uKhongolose usemkhankasweni wokuzivuselala nokwakha ubumbano kuwona nakumadlelandawonye.
Umholi womakadebebona boMkhonto weSizwe iMKMVAA uMnuz Kebby Maphatsoe uthe uhlaka lwabo nalo luyasamukela isinqumo sesigungu esiphezulu sikaKhongolose.
UMdidiyeli we-ANC eKZN uMnuz Mike Mabuyakhulu uthe isinqumo se-ANC kumele samukelwe siphinde sihlonishwe.