Ubulawe amarabi kwaqala ukuwagomela
SEKUQALWE umkhankaso wokugonywa kwezinja eNseleni, ngaseRichards Bay naseMtubatuba kulandela ukushona komfana oneminyaka eyisithupha obenesifo samarabi.
Lo mfana waseNseleni kuthiwa akuzange kubonakale ukuthi ulunywe yinja futhi naye akashongo.
Kusolwa ukuthi uqale ukugula ngemuva kwezinsuku eziningi yamluma inja. UMnuz Khaye Nkwanyana okhulumela uMnyango wezoLimo KwaZuluNatal, uthe lo mfana uqale ukugula eseMtubatuba, evakashele izihlobo emasontweni amabili adlule.
“Abazali bakhe bamhambisa emtholampilo wendawo. Kwabonakala ukuthi ugula kakhulu wadluliselwa kwesinye sezibhedlela eThekwini. Sibikelwe ukuthi ubenalesi sifo ngoLwesine eseshonile,” kusho uMkwanyana.
Uqhube wathi umnyango ubeke isamba sikaR6 million ngasekupheleni konyaka odlule sohlelo lokugonywa kwezinja esifundazweni. Ukugoma uthe kuqale nyakenye eNanda, eNdwedwe, eMandeni naKwaDukuza.
“Siqale ezindaweni obekunemibiko yokuhlasela kwalesi sifo kuzo. ENseleni bekungakaze kube nemibiko phambilini,” kusho uNkwanyana.
UNkk Venessa Meyer wenhlangano exwayisa ngamarabi, eShowe, iRabies Awereness Body in Eshowe, uthe ngokombiko weWorld Health Organisation (WHO) lesi sifo sibulala abantu abangu-55 000 ngonyaka, emhlabeni. “Abantu abaningi abashonayo baya ezikhungweni zempilo ngoba sebeqale ukugula. Umgomo wokuthi amarabi angadluleli kumuntu ukhona. Uma ulunywe yinja kudingeka ukuthi uye esikhungweni sezempilo, ujove uphindelele kuze kube kane. Kwesinye isikhathi abasebenzi basemitholampilo emincane nabo babuye bangaluqondi kahle uhlelo lokugomela amarabi. Siyanxusa ukuthi isiguli singabuyeli ekhaya singajovile ngoba amarabi ayasabalala, emzimbeni,” kusho uNkwanyana