Uncome isigwebo sowabulala iphoyisa
INHLOKO esabambile ophikweni lwamaHawks kuleli isikuncomile ukugwetshwa kolahlwe yicala lokubulala iphoyisa lophiko lweTRT eladutshulwa liyosiza omakhelwane balo bebanjwa inkunzi eMnambithi ngo-2014.
ULt General Yolisa Matakata ukushayele ihlombe ukugwetshwa kukaNhlakanipho Miya (33) olahlwe yicala lokudubula abulale uConstable Sithembiso Sifiso Yende (38).
UMiya ugwetshwe iminyaka engu-22 yinkantolo enkulu eMgungundlovu ngokubulala uYende, iminyaka eyishumi ngokutholwa nesibhamu esingekho emthethweni nemihlanu ngokuthumba umakhelwane kaYende. Lezi zigwebo uzozidonsa kanyekanye.
UYende wabulawa ngoMashi 2, 2014 eya kamakhelwane wakhe owayekhala, ehlaselwe abantu abathathu ababephethe izibhamu. Ngesikhathi efika kulo muzi kuthiwa wazithela phezu kwabasolwa abathathu okuthiwa babedubula. Kuthiwa uYende wazivikela ngokuthi adubule oyedwa wabasolwa okwabuye kwavela ukuthi kwakunguMiya. Kuthiwa abanye bamdubula uYende bathatha nesibhamu sakhe. UYende washonela endaweni yesehlo. Leli cala ladluliselwa kubaphenyi bamaHawks kwase kuthungathwa abasolwa. Ngesikhathi kuqhubeka uphenyo abasolwa abathathu bagcina ngokuzinikela emaphoyiseni, bavela enkantolo banikwa ibheyili. Abasolwa ababili uMnuz Nkosiyakhe Mabaso (33) noThando Mabaso (31) badutshulwa bashona esigamekweni sokudubula okuthiwa sasihlobene nombango wamatekisi eZakheni.
UGeneral Matakata uthe bayakuqonda ukuthi ukugwetshwa kukaMiya ngeke kumbuyise uYende kodwa ubulungiswa benzekile ngoba uMiya uzokhokhela izono zakhe.