I-Sharks iqale isizini entsha ngebatha
AKUFANELE ukuthi abalandeli beCell C Sharks bakuvumele ukuphazamiseka emoyeni okudalwe wukuqala ngebatha isizini entsha yeVodacom Super Rugby lapho beshaywe khona yi-Emirates Lions ngo 26-19 ngoMgqibelo eGoli. Ngaphambi kokuqala kwalo mqhudelwano cishe zonke izazi zombhoxo eNingizimu Afrika bezikhetha iSharks njengeqembu eliqine ngokwanele ukuba yithemba lezwe kulo mqhudelwano.
I-Lions, esifike kowamanqamu kabili amasizini elandelana, ikhombisile ukuthi nakuba kubukeka sengathi iqembu liqalwe phansi kulandela ukushiya komqeqeshi uJohan Ackermann kodwa abadlali abawumgogodlla basazoqhubeka. Okungeke kwaphikwa wukuthi abawubonile lo mdlalo babheme bakholwa. Okucacile wukuthi abadlali baphambili beLions kuzoba yibona abaweza leli qembu noma sekunzima.
Bekubhekwe kakhulu ukuthi uzodlala kanjani uRobert du Preez Jr oyindodana yomqeqeshi weSharks. Bese kukhulunywe kakhulu ngendaba yendodana yomqeqeshi kwazise emidlalweni yokuzilolonga bekucaca ukuthi isilomo nesithandwa sangesizini edlule uCurwin Bosch sizohlala ngaphandle. Nangempela umfana womqeqeshi uzazisile kubathandi beSharks eshaya i-try emnandi lapho ejike khona u-Elton Jantjies wabona izinkanyezi okulandelwe ukuthi alale emgqeni.
Baningi nokho abadlali abazivezile njengoLionel Mapoe owinele iLions amaphuzu ngokuba yiphela endlebeni odongeni lwasemuva lweSharks. Ngaphandle kukaMapoe, umshini wama-try uMakazole Mapimpi obedlala okokuqala kwiSharks kulo mqhudelwano uzitholele eyakhe i-try.
Abemahle ama-try kulo mdlalo kodwa ewashaye amakhanda eyomunye wabadlali abebeqala ukubonakala eqenjini elisha. U-Aphiwe Dyantyi ushiye wonke umuntu obesenkundleni ekhexile ngejubane alikhombise eyoshaya eyakhe nobuchule abukhombisile eseyiqedela. Ayidlali iSharks ngempelasonto ezayo kodwa izobuya ngomdlalo wasekhaya neWaratahs ngoMashi 3.
Komunye umdlalo obungoMgqibelo ngaphansi komqhudelwano ofanayo iDHL Stormers izabalaze kwalunga eNewlands Stadium, eKapa inqoba ngo 28-20 kuJaguares.