Sifuna ukuwuwina owe-Eagles: Dladla
UMQEQESHI weReal Kings, uSimo Dladla, ufuna ukuthola iwini yakhe yokuqala uma esebhekene noRoger Sikhakhane ocija iRoyal Eagles.
Amaqembu aKwaZulu-Natal azotholana phezulu emdlalweni womkhaya ngoMgqibelo ngo3.30 ntambama eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont. I-Kings iqumbe phansi iRichards Bay FC ngo 1-0 sekuvalwe amehlo ngempelasonto komunye umdlalo womkhaya eKing Zwelithini Stadium, eMlaza. Igoli lishaywe nguNtsako Makhubela.
UDladla utshele abezindaba ngemuva komdlalo ukuthi uzimisele ngokuqoqa amaphuzu agcwele uma esebhekene ne-Eagles ngoba akakaze awine uma ebhekene noSikhakhane selokhu eqale ukuqeqesha.
“Umdlalo olandelayo unzima ngoba sizobhekana noRoger Sikhakhane. Iqembu lethu ulazi ukusuka nokuhlala. Naye futhi ungazi ukusuka nokuhlala. URoger unamava kulesi sigaba. Angikaze ngimshaye uRoger ngakho ngikubheke ngabomvu ukuthola amaphuzu amathathu ngibhekene naye. Kuzoba ngumdlalo onzima kodwa sizolwa,” kusho uDladla.
I-Kings ihlezi endaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu awu-35 emidlalweni ewu-25. Ngakolunye uhlangothi i-Eagles iyibambe endaweni ka-14 kwi-log ngamaphuzu awu-20 emidlalweni ewu-21.
“Ikhefu lemidlalo yeNedbank Cup lithe ukusithikameza kancane. I-Bay uyibonile indlela eqale ngayo ukuthi ngabantu abakade bengaphumulile. Bebenomgqigqo ngesiwombe sokuqala. Umdlalo we-Eagles esibheke ukuwunqoba. Banomqeqeshi omusha futhi basazama ukubamba isitayela sakhe,” kusho uDladla.
I-Eagles idlale ngokulingana ngo 1-1 noThongathi FC ngempelasonto eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.
“Siyeke amathuba alula phambi kwamapali. Izinqumo zethu yizona ezisenzele phansi. Abadlali bami ngibatshelile ukuthi kweminye imidlalo ngeke sibe nenhlanhla njengoba kwenzekile namuhla (ngoMgqibelo). Njengamanje imiqondo yethu igxile ekutheni siqede sibalwa namaqembu amathathu aphezulu kwi-log. Seneme ngokuthi sibuyele endaweni yesibili futhi sizimisele ngokuqhubeka nokuqoqa amaphuzu emidlalweni ezayo,” kusho uDladla. Imiphumela yeNFD: Cape Town All Stars 3-1 TTM: Umthatha Bucks 1-1 Tuks; Real Kings 1-0 Richards Bay FC; Black Leopards 2-0 Mbombela United; Royal Eagles 1-1 Uthongathi; Stellenbosch 1-1 Ubuntu Cape Town; Super Eagles 1-1 Witbank Spurs; Jomo Cosmos 0-4 Highlands Park.