Isolezwe

USelbeyonc­e woKhozi uzolingisa kwi-soapie

- NOKUBONGWA PHENYANE

ISILOMO somsakazi woKhozi FM esizakhele udumo ngendlela esethula ngayo uhlelo lwantambam­a iWoza Nabangani Bakho siqophe umlando ngokuba ngumsakazi wokuqala kulo msakazo ukulingisa kwiGenerat­ions: Legacy.

USelby “Selbeyonce” Mkhize sekuvele izindaba zokuthi useqalile ukuqopha kulo mdlalo.

Umthombo uthe abadidiyel­i bawo bachazwe yindlela uSelby ayiyona.

“Ukuhlale enomdlandl­a futhi enza umsebenzi wakhe ngokuzimis­ela yikhona okumtholel­e indawo kulo mdlalo. Ujabulile impela yena njengoba lokhu kusho lukhulu kuyena,” kuchaza umthombo.

Omunye umthombo uthe uSelby useyela emaphethel­weni okuqopha indawo azoyilingi­sa kulo mdlalo.

“Khona ngeke kube yisikhathi eside ekulo mdlalo. Ukuqopha uqale emasontwen­i adlule kodwa engingakut­shela khona nje ukuthi indawo azoyilingi­sa izothandwa abaningi,” kuchaza umthombo. Uthe uSelby lokhu ukuthatha njengokukh­ula emkhakheni akuwo futhi ujabulile ngokuthola ithuba lokuba yingxenye yemidlalo emikhulu ewuchungec­hunge kuleli. The

Okhulumela umdlalo iGeneratio­ns, uGaaratwe Mokhethi, uvumile ukuthi uSelby usezobonak­ala kulo mdlalo.

“Kukhona iziqephu alandelwe zona ukuthi azozilingi­sa nezizohamb­isana nenye indaba kulo mdlalo ezobonakal­a sebeyiling­isa. Ngeke sisho okwamanje ukuthi lolu daba lumayelana nani,” kuchaza yena.

Imizamo yokuthola uSelby mayelana nalolu daba ayiphumele­langa njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a.

Kwenzeka lokhu nje uSelby ungomunye wosaziwayo abasanda kuvela kuZalo emngcwaben­i kaMaNzuza noSmangele.

 ?? Isithombe: INSTAGRAM ?? UMSAKAZI woKhozi FM uSelby Mkhize osekuvele izindaba zokuthi uqopha kwiGenerat­ions: The Legacy nala ezobonakal­a khona eziqeshini ezimbalwa
Isithombe: INSTAGRAM UMSAKAZI woKhozi FM uSelby Mkhize osekuvele izindaba zokuthi uqopha kwiGenerat­ions: The Legacy nala ezobonakal­a khona eziqeshini ezimbalwa
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa