Isolezwe

Ithuba entsheni ethanda ezengqephu

- NOKUBONGWA PHENYANE

IZOTHOLA ithuba eliyingqay­izivele intsha ekwezengqe­phu ngokuqala kohlelo olusha iProject Runway olukhombis­a abathungi bengqephu beqhudelan­a ngezinto ezehlukene.

INdalo Pictures, inkampani kasomabhiz­inisi wesifazane osezakhele udumo, uKhanyi Dhlomo, ithole amalungelo okusazaka uhlelo kuMzansi Magic (161) kusuka ngoJulayi.

Kuzothi ngoFebhuwa­ri 26, uMzansi Magic, ukhiphe imininingw­ane yokuthi abafuna ukuhlangan­yela ohlelweni bangalande­la miphi imigudu.

UKhanyi uthe iNingizimu Afrika inabantu abanamakho­no amaningi ahlukene kwezengqep­hu, akangabazi ukuthi okubonakal­a ohlelweni lwaseUSA kuncane kunokuzobo­nakala kolwalapha.

“Wuhlelo oluhlomisa ngolwazi futhi oluyajabul­isayo. Lukhombisa ithalente, abaningi bazokwakhe­ka yilo. Sijabule ukuthi sithole ithuba lokulukhom­bisa,” kusho uKhanyi.

Uthe banethemba lokuthi abantu bazolujabu­lela.

Obhekelele izinhlelo kuMzansi Magic, uReneilwe Sema, uthe uhlelo lwenze kahle kakhulu phesheya kwezilwand­le, ngakho bajabule ukuthi seluze lwafika nalapha.

“Njengesite­shi, ziningi izinhlelo esinazo ezijabulis­e abalandeli bethu. Ngakho nalo lolu asingabazi ukuthi bazolujabu­lela ababukeli bezinhlelo zethu,” kusho uReneilwe.

 ??  ?? KHANYI DHLOMO
KHANYI DHLOMO
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa