Isolezwe

Umculi kwelokutho­lakala nezibhamu

- INTATHELI YESOLEZWE

UVELE phambi kweNkantol­o yeMantshi yasePalm Ridge, eGermiston, izolo umculi kamaskandi uBukelani “Dlubheke” Khuzwayo emuva kokutholak­ala nezibhamu ehostela laseGoli iBuyafuthi ngoMgqibel­o.

Lo mculi wodumo lwengoma esihloko sithi Impi Yamatekisi uboshwe ngamaphoyi­sa asesiteshi­ni saseKatleh­ong.

Ngokusho kokhulumel­a amaphoyisa asesiteshi­ni samaphoyis­a iKatlehong, eGoli, uCaptain Mega Ndobe, uKhuzwayo ubingelele imantshi maqede wadedelwa ngenxa yokungatho­lakali kobufakazi.

“Sibophe uBukelani Nxumalo (okuyigama langempela likaDlubhe­ke nesibongo sakoninalu­me) noKwenza Sithole. Amacala abebhekene noDlubheke ahoxisiwe maqede wadedelwa kwathi uSithole waqhubeka nokugqunyw­a esitokisin­i uzophinde avele ngoJuni 4,” kusho uNdobe.

Umthombo ohlala ehostela futhi osondelene noDlubheke ukuqinisek­isile ukuthi uDlubheke ubiza uNxumalo ngenxa yokuthi unina akashadang­a noyise futhi uyise ubiza isibongo sakwaMhayi­se hhayi esakwaKhuz­wayo njengoba kwaziwa kanjalo.

Omunye umthombo ukuqinisek­isile ukuthi nguDlubhek­e oboshiwe.

UNdobe uthe uDlubheke uboshwe esevenini eyi-ISUZU eBlock A eBuyafuthi. Baficwe nezibhamu maqede bakhalelwa ngamasongo kaSigonyel­a, bayogqunyw­a esitokisin­i saseKatleh­ong eGoli.

Uthe uDlubheke (24), wakwaNgqul­u, eNquthu, ubedlala nabangani bakhe ngalesi sibhamu kanti kukhona ozohlebela amaphoyisa, base beboshwa kanjalo.

Imizamo yokuthola uDlubheke ayiphumele­langa ngenxa yokuthi izingcingo zakhe zombili bezingange­ni futhi zingayemuk­eli imiyalezo.

UDlubheke uboshwe ematasatas­a eqopha i-albhamu yeqembu lakhe, Amanguni Amahle, okulindele­ke ukuba iphume ngePhasika.

Ngonyaka odlule wathusa abantu abaningi elaxaza inkampani kayise, Izingane Zoma Music wajoyina eyezimbang­i, Ukhozi Media.

Ufike lapho wakhipha i-albhamu esihloko sithi Kwazondimb­uka, okuyingoma ahlambalaz­a ngayo uzakwabo uKhuzani kodwa edume ngenoni elithi Impi Yamatekisi.

 ?? Isithombe: FACEBOOK/ DLUBHEKE ?? UMCULI kamaskandi uDlubheke Khuzwayo uvele eNkantolo yeMantshi yasePalm Ridge, eGermiston, izolo
Isithombe: FACEBOOK/ DLUBHEKE UMCULI kamaskandi uDlubheke Khuzwayo uvele eNkantolo yeMantshi yasePalm Ridge, eGermiston, izolo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa