Usesibhedlela ophuziswe ugologo
ULALISWE esibhedlela umfana oneminyaka eyisikhombisa waseKhabazela, e-Avoca, okuthiwa uphuziswe wumakhelwane ugologo oyi-vodka ngoLwesihlanu ebusuku.
Uyise womfana, uMnuz Thabiso Gumede, uthe namanje usathukile emuva kokuba odokotela bemtshele ukuthi indodana yakhe icishe yafa ngemuva kokuphuza amagilasi amane kagogolo.
Kuthiwa ubephuziswa ngomunye womakhelwane bakhe.
UGumede uthe wayebuya emsebenzini ngesikhathi efica indodana yakhe idlala nezinye izingane egcekeni.
“Ngangena endlini nganganaka lutho ngoba babeyizingane bebaningi. Sengiphuma kogeza kuyilapho kwangena khona izingane ezinye zangitshela ukuthi indodana yami iphuze ugologo. Angifuni ukuqamba amanga anginakanga, naye unina akukho akunaka ngoba sacabanga ukuthi kungenzeka ucoshe ibhodlela emgwaqweni waphuza lokhu okuncane okusuke kusalile,” kuchaza yena.
Uthe bathuke boma uma indodana yabo isingena endlini sekushintshe ngisho umlomo umpunga bengazi ukuthi udalwa yini.
“Wangena watshela unina ukuthi ufuna ukulala kodwa wambuza ukuthi unani ngoba embona ediyazela kodwa wathi akanalutho. Unina wangibuza ukuthi ngiyambona yini ukuthi udakiwe nokwagcina ngokuthi ngisondele kuye ngambona ukuthi uphuzile,” kusho uGumede.
Uthe okwabathusa yindlela isikhumba sakhe esase sibukeka ngayo, base bebuza ezinganeni ukuthi uphuziswe wubani. “Basitshela ukuthi uphuziswe omunye wesilisa (zamqagula ngegama). Sathi sifika kuyena wasitshela ukuthi siyamdakelwa yena akayazi leyo nto, wasichapha ngenhlamba nokwagcina ngokuthi size sihambe engasitshelanga izimpendulo esasizidinga,” kuchaza yena.
Uthe bathi befika endlini bafica indodana yabo isiqulekile emuva kokuba kade iphalaza, base beyiphuthumisa esibhedlela.
“Udokotela wasitshela ukuthi ingane icishe yafa ngoba bese kuvaleke amaphaphu, umoya ungasaphumi kahle.”
Uthe ufuna umthetho usebenze, kuboshwe osolwa ngokuphuzisa ingane yakhe ugologo ngoba icishe yafa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe likhona icala elivuliwe lokuhlukunyezwa kwengane kodwa akukaboshwa muntu.