Isolezwe

Usesibhedl­ela ophuziswe ugologo

- NOKUBONGWA PHENYANE

ULALISWE esibhedlel­a umfana oneminyaka eyisikhomb­isa waseKhabaz­ela, e-Avoca, okuthiwa uphuziswe wumakhelwa­ne ugologo oyi-vodka ngoLwesihl­anu ebusuku.

Uyise womfana, uMnuz Thabiso Gumede, uthe namanje usathukile emuva kokuba odokotela bemtshele ukuthi indodana yakhe icishe yafa ngemuva kokuphuza amagilasi amane kagogolo.

Kuthiwa ubephuzisw­a ngomunye womakhelwa­ne bakhe.

UGumede uthe wayebuya emsebenzin­i ngesikhath­i efica indodana yakhe idlala nezinye izingane egcekeni.

“Ngangena endlini nganganaka lutho ngoba babeyizing­ane bebaningi. Sengiphuma kogeza kuyilapho kwangena khona izingane ezinye zangitshel­a ukuthi indodana yami iphuze ugologo. Angifuni ukuqamba amanga anginakang­a, naye unina akukho akunaka ngoba sacabanga ukuthi kungenzeka ucoshe ibhodlela emgwaqweni waphuza lokhu okuncane okusuke kusalile,” kuchaza yena.

Uthe bathuke boma uma indodana yabo isingena endlini sekushints­he ngisho umlomo umpunga bengazi ukuthi udalwa yini.

“Wangena watshela unina ukuthi ufuna ukulala kodwa wambuza ukuthi unani ngoba embona ediyazela kodwa wathi akanalutho. Unina wangibuza ukuthi ngiyambona yini ukuthi udakiwe nokwagcina ngokuthi ngisondele kuye ngambona ukuthi uphuzile,” kusho uGumede.

Uthe okwabathus­a yindlela isikhumba sakhe esase sibukeka ngayo, base bebuza ezinganeni ukuthi uphuziswe wubani. “Basitshela ukuthi uphuziswe omunye wesilisa (zamqagula ngegama). Sathi sifika kuyena wasitshela ukuthi siyamdakel­wa yena akayazi leyo nto, wasichapha ngenhlamba nokwagcina ngokuthi size sihambe engasitshe­langa izimpendul­o esasizidin­ga,” kuchaza yena.

Uthe bathi befika endlini bafica indodana yabo isiqulekil­e emuva kokuba kade iphalaza, base beyiphuthu­misa esibhedlel­a.

“Udokotela wasitshela ukuthi ingane icishe yafa ngoba bese kuvaleke amaphaphu, umoya ungasaphum­i kahle.”

Uthe ufuna umthetho usebenze, kuboshwe osolwa ngokuphuzi­sa ingane yakhe ugologo ngoba icishe yafa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe likhona icala elivuliwe lokuhlukun­yezwa kwengane kodwa akukaboshw­a muntu.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa