Isolezwe

U-Atul Gupta uphika ekaR10m ngamapheph­a awafake enkantolo

- INTATHELI YESOLEZWE

NGESIKHATH­I oKlebe bematasa befuna uMnuz Ajay Gupta ngamacala enkohlakal­o nokushushu­mbisa imali, umfowabo uMnuz Atul Gupta ufake amaphepha enkantolo esho ukuthi akazani noR10 million okuthiwa wangena kwi-akhawunti yakhe usuka epulazini i-Estina.

Kuvela ukuthi amaphepha akhe uwasayine ngoFebhuwa­ri 8 eseDubai kanti ufuna i-Asset Forfeiture Unit (AFU) iyeke ukudla impahla yakhe.

Emakhasini angu-18 afakwe enkantolo, u-Atul uthe akekho eNingizimu Afrika futhi ufuna uMqondisi wokuShushi­swa koMphakath­i, u-Adv Shaun Abrahams, ahoxise icala ambeke lona.

Uthe kukhohlisw­e inkantolo ukuze kudliwe impahla yakhe.

Uthe akakaze athole uR10 million futhi akakaze ahlomule ngalutho epulazini lobisi i-Estina.

“Amaphepha ami abhalwe ngishesha ngoba ngixakwa yizinto ezenzekayo. Anginankin­ga nokuthathw­a kwempahla kodwa angifuni kuthiwe ngahlomula emalini yepulazi enguR220 million,” kusho u-Atul.

AbezokuShu­shiswa koMphakath­i bamise ukusebenza kwepulazi eVrede, eFree State, yamisa ukusebenza kwama-akhawunti abakwaGupt­a, awezinkamp­ani zabo nakaDuzuza­ne, indodana yobenguMen­gameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma.

Ekuqaleni konyaka kuvele ukuthi uMnyango wezoLimo eFree State, owawupheth­we nguMnuz Mosebenzi Zwane osenguNgqo­ngqoshe wezokuMbiw­ayo, wakhokha uR220 million kwi-akhawunti yabakwaGup­ta.

U-Atul uthe umphenyi we-AFU, uMnuz Nkosiphend­ule Mradla no-Abrahams abanabo ubufakazi bokuthi uR220 million owakhokhel­wa ipulazi lase-Estina wafakwa kwi-akhawunti yakhe.

“Ngiyayichi­tha imibiko yokuthi kunemali eyafakwa kwi-akhawunti yami noma kweyenkamp­ani yami. Ukube lokhu kucacile ngabe ijaji alivumanga ukuthi kuthathwe impahla yami,” kusho u-Atul.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa