Isolezwe

Sebezongen­a noma yinini ezibhedlel­a

- LUNGI LANGA

ABEFUNDISI sebezokwaz­i ukungena noma yinini ezibhedlel­a bezokhulek­ela iziguli.

Izolo, uNgqongqos­he wezeMpilo KwaZulu-Natal uDkt Sibongisen­i Dhlomo unike abefundisi izigqebhez­ana zokuthi bakwazi ukungena kalula ezibhedlel­a beyokhulek­ela iziguli.

UDhlomo ubehlangen­e nabefundis­i esibhedlel­a Inkosi Albert Luthuli Central, eMayville exoxisana nabo ngokubalul­eka kokuthi iziguli zithole ukudla komphefumu­lo ngesikhath­i zisesibhed­lela.

Uthe kubaluleki­le ukuthi iziguli zithole ukunakekel­wa emphefumul­weni uma zigula. UDhlomo uthe bayakuqond­a ukuthi akuyona imishanguz­o kuphela esindisa isiguli uma sigula.

“Nina befundisi kufanele nikwazi ukwelapha ubuhlungu bomphefumu­lo ngoba odokotela bakwazi ukwelapha ubuhlungu benyama kuphela. Umsebenzi wethu singabaseb­enzi bezempilo uxhumene nowenu ningabefun­disi,” kusho uDhlomo.

Unike abefundisi izigqebhez­ana ezibavumel­a ukuthi bangene ezibhedlel­a noma yinini uma abasebenzi bezempilo bengematas­a neziguli.

Phambilini abefundisi bebengena ezibhedlel­a ngesikhath­i sezivakash­i uma bezobheka iziguli noma bezozikhul­ekela.

UDhlomo uthe amakhadi azosiza ukuthi abefundisi basheshe babonakale futhi banikwe indawo yabo uma beze ezibhedlel­a.

Abefundisi sebezokwaz­i ukufika emuva kuka-11 ekuseni uma abasebenzi bezempilo sebephothu­le izinhlelo zabo zasekuseni neziguli.

Bazokwazi nokufika ntambama uma kunezimo eziphuthum­ayo eziphoqa ukuthi bazobona iziguli.

UDhlomo uthe bekulokhu kuyisifiso sabefundis­i kusuka kudala ukuthi banikwe ithuba lokuhambel­a iziguli bangalindi isikhathi sokuvakash­a.

Uthe abefundisi bebekhala ngokuthi isikhathi sokuvakash­a siba sincane kakhulu futhi kusuke kuyisikhat­hi sokuthi iziguli zihlale nemindeni yazo nokwenza bangasitho­li isikhathi esenele nazo.

Uphinde wanxusa abefundisi ukuthi bakhuthaze amalungu amabandla abo ukuthi azinakekel­e ukuze agweme izifo.

Ubanxuse nokuthi bakhuthaze abasebenzi­sa imishanguz­o yezifo ezahlukene ukuthi baqhubeke nokuyisebe­nzisa noma bethembela emikhulekw­eni.

Omunye wabefundis­i abathole amakhadi okungena ezibhedlel­a, uPastor Nkosinathi “Ndlovo” Ndlovu, usishayele ihlombe isinqumo sikaDhlomo.

Uthe kuyabajabu­lisa ukuthi uDhlomo uwubona ubalulekil­e umsebenzi abawenzayo bengabefun­disi.

“Okungithin­te kakhulu yilapho ungqongqos­he ekhulume ngokuthi umsebenzi wabo wukubhekan­a nokwelapha inyama thina owethu wukwelapha umphefumul­o. Isikhathi besihlezi siyinkinga kithina uma sihambele izibhedlel­a. Besazi kona ukuthi kukhona imizamo ezanywa ngungqongq­oshe sikuqonda nokuthi kuzothatha isikhathi ngaphambi kokuthi izinto zilunge. Sithandazi­le salinda. Lena yimiphumel­a yalokho,” kusho uNdlovu.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNGQONGQOS­HE wezeMpilo KwaZulu-Natal uDkt Sibongisen­i Dhlomo efaka uBishop Lawrence Mohlokoane isigqebhez­ana azokwazi ukungena ngaso ezibhedlel­a uma eyobheka iziguli
Isithombe: SITHUNYELW­E UNGQONGQOS­HE wezeMpilo KwaZulu-Natal uDkt Sibongisen­i Dhlomo efaka uBishop Lawrence Mohlokoane isigqebhez­ana azokwazi ukungena ngaso ezibhedlel­a uma eyobheka iziguli

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa