Isolezwe

Bakhethe uxolo kwaphinde kwafundwa futhi esikoleni

- LUNGI LANGA

KUBUYELE esimeni esijwayele­kile ukufunda eSikhethux­olo High, eHammarsda­le, okuphazami­seke emuva kokuthi ingxenye yaso nezindlu zothisha kushisiwe.

Izolo abafundi babuyele esikoleni emuva kwesonto sivaliwe.

Lokhu kungenxa yokushiswa kwezikole nezindlu zothisha ababili.

Ngesonto eledlule othisha, amalungu esigungu esilawula isikole, izikhulu zoMnyango wezeMfundo nezinye izinhlaka zomphakath­i kuhlangane ehholo laKwaMagab­a kuyodingid­a izinkinga zesikole. Emhlanganw­eni kwavunyelw­ana ngokuthi ukufunda kuqale izolo.

Ilungu lesigungu esilawula isikole, uMnuz Dumisani Moyo, uthe ukufunda kubuyele esimeni izolo. Uthe bekukhona isigungu esilawula isikole, abazali, iziphathim­andla zoMnyango wezeMfundo, amaphoyisa bezoqinise­kisa ukuthi usuku lokuqala luhamba ngendlela.

“Kuqalile ukufunda futhi kuhambe kahle kakhulu ngosuku lokuqala. Besifikile nabazali abaphumele­lile, amaphoyisa neziphathi­mandla zoMnyango wezeMfundo sizoqapha isimo. Sijabule kakhulu ngendlela izinto ezihambe ngayo. Sivumelene ngokuthi sizolokhu sifika esikoleni kulo lonke leli sonto,” kusho uMoyo.

Uthe kube nomhlangan­o ngeSonto obekukhona kuwo abazali nothisha bezingane. Kubikelwe abazali ngezinqumo ezathathwa emhlanganw­eni owawungoLw­esithathu oludlule.

Kulowo mhlangano kwavela ukuthi kunokungen­ami kubazali mayelana nokufeyila kwezingane zabo. Kwaphinde kwavela ukuthi abazali bebecasulw­e wukungafik­i kothisha emhlanganw­eni owawubizwe ngoFebhruw­ari 11 lapho okwakulind­eleke ukuthi kubhungwe indaba yokufeyila kwezingane.

UMoyo uthe umhlangano wangeSonto uhambe kahle kwaxoxwa kahle phakathi kothisha nabazali.

Omunye wabazali, ocele ukuthi igama lakhe ligodlwe, uthe bakujabule­le ukubuyela kwezingane esikoleni. Uthe banethemba lokuthi isimo sizoqhubek­a sihambe kahle kusukela manje.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa