Isolezwe

Usinde edutshulwa ozalwa nomholi we-IFP obulewe

- BONISWA MOHALE

USINDE ngokulambi­sa umfowabo womholi we-IFP eWeenen odutshulwe ngentululw­ane yezinhlamv­u, ngoLwesihl­anu.

UMnuz Mthoko Sithole (29) ongumfowab­o kaMnuz Sphiwe Mbho Sithole obulawe ngoFebhuwa­ri 4, eduze kwaseWeene­n Combined Secondary, ubesendlel­eni eya ekhaya ngesikhath­i ehlaselwa ngamadoda angaziwa.

UCaptain Nqobile Gwala, wamaphoyis­a KwaZulu-Natal, uthe uSithole ubehamba ngomgwaqo uR74 ebheke eWeenen ngesikhath­i ezwa kuqhuma isibhamu.

“Owesilisa uveze ukuthi emuva kokuzwa umsindo wokuqhuma kwesibhamu ubone sekufe iwindi langemuva lemoto yakhe wanyusa isivinini. Ngenhlanhl­a akazange alimale. Amaphoyisa aseWeenen aphenya icala lokuzama ukubulala,” kusho uCaptain Gwala.

USithole uveze ukuthi ukudutshul­wa kwakhe kuhlangene nepolitiki ngoba bathole ukuthi kunohlu lwabaholi abathathu okuthiwa kufanele bafe eWeenen.

“Emasontwen­i amabili ngaphambi kokuthi umfowethu abulawe wasinda edutshulwa. Sithole ukuthi kunabantu abafuna ukusoconga yena, mina noVilakazi naye ongumholi we-IFP. Inkinga wukuthi thina sikolunye uhlangothi kanti kukhona olunye olufuna ukuphatha,” kusho uSithole ocele amaphoyisa nobuholi obuphezulu be-IFP ukuthi bungenelel­e kulolu daba.

Uthe babewavuli­le amacala ngaphambi kokushona kukamfowab­o kodwa akukaboshw­a muntu njengoba bengakatho­lakali ababulali bakamfowab­o nalabo abazame ukusoconga yena.

UCaptain Gwala uthe kuyiqiniso ukuthi kwakuvulwe amacala okuzama ukubulala engakashon­i umfowabo kaSithole kodwa akekho umuntu oseboshiwe ngawo. Ucele abanolwazi ngalezi zigameko ukuthi bathinte amaphoyisa aseduze nabo ukuze kuboshwe izigebengu noma bashayele iCrime Stop ku-08600 10111.

USihlalo kazwelonke we-IFP, uMnuz Blessed Gwala, uthe bekungaba kuhle ukuthi ukhomishan­a wamaphoyis­a abheke eWeenen noma kube khona uphiko oluyisipes­heli oluzobheka izibhamu eWeenen nokugijiny­iswa kwabantu ngezibhamu emini kule ndawo.

“Ngibona kuthulekil­e ngasemapho­yiseni, ngeke sibhule ukuthi isizathu siyini ngoba asibona abaphenyi bamacala, yikho siyaye sibheke ngasemapho­yiseni bese sinxusa umphakathi ukuthi uwasize ngemininin­gwane. Siwabona eyihlabe inhlali ngendaba yaseWeenen. Lokhu kwenza kube lukhuni satshe ukuthi silandele udaba lwakhona,” kusho uGwala.

Uthe indlela ababona ngayo kuyasho ukuthi kukhona into ekhona kodwa abazi ukuthi bazoyiland­ela kanjani njengoba amaphoyisa engabophi muntu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa