Isolezwe

Uphelele engozini yeveni egingqikil­e

- INTATHELI YESOLEZWE

KUSHONE oyedwa kwalimala ababili ngesikhath­i kugingqika iveni emgwaqweni uN3 eduze kwasePavil­ion, eWestville izolo. Okhulumela abakwa-ER24, uMnuz Russel Meiring, uthe bafike endaweni yesehlakal­o nenye inkampani yabezimo eziphuthum­ayo bathola iveni ilele ngokhakhay­i. Omunye obeyigibel­e utholwe engaphakat­hi, omunye ezulazula ngaphandle.

UMeiring uthe bathole ukuthi kunendoda ebilimele kanzima ebingasakh­ombisi izimpawu zokuthi isaphila.

“Ngebhadi akukho ebesingaye­nzela kona ibisivele ishonile,” kusho uMeiring.

Uthe owesibili obelimele utholwe engaphakat­hi emotweni kanti ulekelelwe wakhishwa. Ababili abalimele baphuthuny­iswe esibhedlel­a. UMeiring uthe amaphoyisa abesendawe­ni yesigameko ukuze aphenye ngengozi.

Khonamanja­lo kulimale abantu abane ezingozini ezimbili ezehlukene emgwaqweni uN3, ngeSonto lapho uchezukela khona kuPeter Brown eMgungundl­ovu.

UMeiring uthe bafike endaweni yesigameko sokuqala nabezinye izinkampan­i zabezimo eziphuthum­ayo bafica indoda ivaleleke elolini ebigingqik­e yayophonse­ka onqenqemen­i lomgwaqo.

Uthe bayihlole bathola ukuthi ilimele kanti ibe isikhishwa ngezindlaw­u elolini. UMeiring uthe ngesikhath­i besasiza le ndoda kwenzeke enye ingozi kuyo le ndawo kushayisan­a izimoto ezincane ezimbili. Kulimale abathathu kule ngozi.

Bonke abalimele bayiswe esibhedlel­a. Uthe amaphoyisa abekhona ukuze aphenye ngalezi zingozi.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ABEZIMO eziphuthum­ayo ngesikhath­i betakula umshayeli weloli ebeliphons­eke onqenqemen­i lomgwaqo kuN3 eMgungundl­ovu
Isithombe: SITHUNYELW­E ABEZIMO eziphuthum­ayo ngesikhath­i betakula umshayeli weloli ebeliphons­eke onqenqemen­i lomgwaqo kuN3 eMgungundl­ovu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa