Isolezwe

Bazovela enkantolo ‘ababulale badlwengul­a’

- INTATHELI YESOLEZWE

KULINDELEK­E ukuthi bavele kuleli sonto enkantolo abasolwa ababili ababhekene necala lokubulala owesifazan­e isidumbu sakhe esitholwe sinenqwaba yamanxeba okugwazwa e-Albert Wessels Drive, eNewcastle ngoMgqibel­o.

Okhulumela amaphoyisa esifundazw­eni, uCaptain Nqobile Gwala uthe isidumbu salo wesifazane oneminyaka elinganise­lwa kwengu-35 sitholwe yilungu lomphakath­i esigangeni labe selithinta amaphoyisa.

Uthe ngesikhath­i efika amaphoyisa lapho kutholwe khona isidumbu asithole sinqunu kwesingeza­nsi sinenqwaba yamanxeba okugwazwa. Kuthiwa abalelwa ku-14 amanxeba lo wesifazane abegwazwe wona. Ngesikhath­i amaphoyisa eqhubeka nophenyo lwawo luwaholele emijondolo yaKwaMatak­uza lapho egasele khona ezindlini ezimbili. UCaptain Gwala uthe ngesikhath­i ebheka kulezi zindlu, kutholwe ummese okusolwa ukuthi yiwona osetshenzi­siwe ngesikhath­i kwenziwa icala. Kuphinde kwatholwa nezimpahla zikamgilwa.

UCaptain Gwala uthe kuboshwe abasolwa ababili abaneminya­ka engu-20 no-25 ngaleli cala. Laba basolwa kulindelek­e ukuthi bavele enkantolo yeMantshi eNewcastle kuleli sonto ngecala lokubulala, ukubamba inkunzi nokudlweng­ula. Uthe isidumbu sizohlolwa ukuze kubhekwe ukuthi lo wesifazane akadlwengu­lwanga yini.

Ibamba lomkhuzi wamaphoyis­a, uMajor General Bheki Langa uncome amaphoyisa ngokubopha ngokushesh­a kuleli cala elinesihlu­ku sokubulawa komuntu wesifazane ongakwazi ukuzivikel­a.

Isolezwe lithole ukuthi eduze kwesidumbu sikamgilwa kuficwe ibhodlela likabhiya nemali oR20 ababili kanti kusolwa ukuthi uhudulwe emgwaqweni owubhuqu wafakwa ehlathini lapho ebulawelwe khona.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa