Isolezwe

Abananking­a nekhomishi­ni eSARS

- INTATHELI YESOLEZWE

INHLANGANO eqoqa intela kuleli iSouth African Revenue Service (SARS) ithe iyasamukel­a isinqumo sikaMengam­eli Cyril Ramaphosa sokusungul­a ikhomishin­i ezophenya ngokuqoqwa kwentela nezokuphat­ha kule nhlangano.

Esitatimen­deni esithunyel­we kwabezinda­ba, iSARS iveze ukuthi akukho okungalung­ile ekwenzayo njengoba ilandela imithetho kahulumeni yokuqoqwa kwentela nokweseka intuthuko yezwe.

“Sizimisele ukusebenzi­sana nekhomishi­ni ezophenya ngokwenzek­a eSARS. Silindele ukuzwa ukuthi yiziphi izinhlaka ezizobhekw­a. Uphenyo luzosiza abasebenzi bakwaSARS nabaholi bayo ukuthi babheke ukuthi yiziphi izindawo okufanele benze ngcono kuzo,” kusho iSARS esitatimen­deni.

AbakwaSARS bathe bazophinde bacacise ukuthi bayinhlang­ano ewenza kahle umsebenzi bacacise nemibiko engcolisa igama lenhlangan­o evame ukuphuma kwabezinda­ba.

Bathe kulo nyaka bafuna ukungenisa ngaphezu kukaR1.214 trillion, okuyisikal­o esasibekwe kwisabelom­ali sika-Okthoba wonyaka odlule.

Bathe bonke abasebenzi abangu-14 000 okuhlangan­isa nabaphathi bazimisele ukwenza umsebenzi ongcono base becela wonke umuntu okufanele akhokhe intela ukuthi akwenze lokho.

Baphethe ngokugqugq­uzela abantu ukuthi bakhokhe intela nge-eFiling, basebenzis­e nezinye izinhlelo ezifana ne-mobi-site nama-app akumaselul­a noma bavakashel­e izikhungo zakwaSARS eziseduze nabo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa