Isolezwe

Awahlonish­we amakhasime­nde osomatekis­i

-

AMARENKI amatekisi awaziwa ngenhlanze­ko ngenxa yokuthi abanye abantu balahla udoti phansi yize imigqomo ikhona futhi abanye bakhetha ukuchamela izindonga zezakhiwo ezikulezi zindawo yize amathoyile­thi ekhona.

Nakuba bekhona abantu abenza kanjena emarenki amatekisi kodwa lokho akusho ukuthi kufanele asheshe avalwe amathoyile­thi khona yize abantu besekhona.

Isikhalo sosomateki­si baserenki yaseNanda ngaseMaket­he eThekwini sokuthi izindlu ezincane kule ndawo zisheshe zivalwe yize olayini besuke besebade siyezwakal­a.

Iyanyayeka indlela le ndawo esiyiyona ngenxa yokuthi abantu baphoqelek­a ukuthi bazikhulul­e obala ngoba amathoyile­thi asuke esevaliwe.

Lesi senzo asenzi nje indawo ibukeke futhi inuke kabi kodwa siphazamis­a nabantu abaziphili­sa ngokudayis­a ukudla erenki ngoba bambalwa abantu abangathen­ga ukudla endaweni engcolile, enuka umchamo futhi ephihlika indle.

Phakathi nezinsuku emarenki olayini babantu baba bade kuze kube yisebusuku ngenxa yaamatekis­i alayisha kuze kube ngo-8 ebusuku kanti amanye alayisha kuze kube wu-9.

Ngisho noma ngabe bekuthiwa akudayiswa ukudla kodwa ngoba yindawo esetshenzi­swa umphakathi kufanele kubhekelel­we ukuthi izidingo zomphakath zikhona ngaso sonke isikhathi.

Kuyezwakal­a nokushiwo nguMasipal­a waseThekwi­ni ukuthi amathoyile­thi avalwa ngexa yokuphepha nokuthi isivumelwa­no umkhandlu onaso nosomateki­si wukuthi irenki ivalwa ngo-6 ntambama. Nokho-ke iqiniso wukuthi ngo-6 ntambama kusuke kusaphithi­zela kakhulu erenki ukuthi kungathiwa sekuzovalw­a ngoba abanye abantu baxhuma amatekisi amaningi ngaphambi kokufinyel­ela emakhaya.

Kuyadingek­a ukuthi umkhandlu nosomateki­si bahlale phansi babonisane futhi ngalesi sikhathi bese kubhekwa nokuthi ayikho yini indlela yokuthi kube nabaqaphi emarenki ebusuku ukuze umphakathi usebenzise amathoyile­thi kahle.

Osomatekis­i nabadayisa emarenki bangosomab­hizinisi abadinga ukuxhaswa futhi namakhasim­ende abo kufanele ahlonishwe nendawo ihloniphek­e.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa