Abantu abafundiswe ukuba ngabaqashi
MHLELI: Kwelakho eliwela umfula ugcwele ngithi angisike elijikayo. Ukufundela ukusungula futhi nokuhola ibhizinisi ngenye yezigaba zemfundo ezisilela ngemuva kubantu abasha.
Nakuba ziningi izikhungo ezifundisa uhlobo lwezifundo ezimayelana nebhizinisi kepha iningi lazo zibhekiswe ekuqeqesheni abantu abasha ukuthi babengabaphathi bamabhizinisi anhlobonhlobo, hhayi ukuthi bawasungule baphinde bawahole ezimpondweni njengabanikazi bawo. Kubukeka sengathi iningi lezifundo zebhizinisi zenza umsebenzi oncomekayo ekuqeqesheni abantu abazoqashwa ezimbonini ezehlukene kepha kuncane ukuqeqeshwa kwabasunguli balezo nalezo zimboni. Esikhathini esiningi uhulumeni ugqugquzela ukuthi intsha ingabheki ukuqashwa kepha iphokophelele ukuba ibengabaqashi bakusasa.
Umbuzo wami uthi: Ngabe imfundo yethu iqeqesha abantu abasha ukuthi baqasheke noma babe ngabaqashi? Ucwaningo olukhombisa amazwe enza kahle ekukhiqizeni abantu abasha abakhula babe ngosomabhizinisi abavelele, luveza ukuthi iningi lalawo mazwe azibamba zisemaphuphu.
Imfundo yokusungula kanye nokuhola ibhizinisi iqala emabangeni aphansi. Inkinga yile: Okuningi okwenziwa ezikoleni ukuqeqesha intsha ukusungula nokuhola ibhizinisi kwenziwa kube wuhlelo olwengeziwe nje, akungeni shiqe ekujuleni kohlelo olubekiwe. Yingakho kuye kube nzima ukuguqula umqondo wentsha ukuthi icabange njengabaqashi, hhayi abaqashwa.
Ukufundisa intsha ngokusungula ibhizinisi kuncike kakhulu ekutheni iqeqeshwe ngokwenza, hhayi kuphela ngokuchazelwa ukuze ibone ukuthi ibhizinisi liphathwa kanjani. Empeleni umuntu awumnikezi inhlazi kodwa kumele umfundise ukuthi inhlanzi idotshwa kanjani.