Isolezwe

Wayeyihlab­e esikhonkos­ini uMadlokovu ngeyamaNdi­ya

-

Thubelihle Machi EHARDING Okhathazek­ile EMLAZA MHLELI: Bayaye bathi abaziyo izwi lomfokazan­a lizwakala kamuva. Ngiyaxolis­a kokungase kwenzeke kungehli kamnandi engizokush­o. Ngenkathi kusaphethe uDkt Nelson Mandela kwafika umyalezo ngomlomo weciko lakwaNgema, uMbongeni Ngema, elathi size sibabhekis­ise laba bantu abangamaNd­iya ngoba abaqede kulunga. Wayeze ababize ngamagama abanye abaholi bezombusaz­we ebuza ukuthi bathule bathini izinto zonakala bekhona.Yavalwa leyo ngoma kaMadlokov­u ngoba kuthiwa izodala uhlevane.

Ngokubona kwami wukuthi isexwayiso saqhamuka kumuntu esingathi akalutho. Kwala ngisho sebememeza nkalo zonke kumagumbi omane omhlaba ababevumel­ana neqiniso likaMadlok­ovu ukuthi uyishaye esikhonkos­ini umfo kaMadlokov­u kwathiwa asehlise umoya izolungisw­a.

Ubuhlungu obuzwiwa yithina esilaphaya emazingeni aphansi esiphila nabo nsuku zonke ngokomsebe­nzi ababazi/ababuzwa. Bawuhlobo olwazi ukuthi thina ma-Afrika asazi lutho, yibona abaziyo nabahlakan­iphile. Ngisho bengafika kamuva emsebenzin­i bezoqeqesh­wa nguwe, uthi ungaqeda ukubafundi­sa umsebenzi bese befuna ukuba yizinduna bonke baphathe wena. Kambe kuyenzeka yini ukuthi uwedwa ube nezinduna ezine.Ngamafuphi Mhleli ngabe bona badalelwa ukuphatha hhayi ukuphathwa? Bheka-nje abakwaGupt­a uma sifunda amaphepha kuthiwa bafika kwelengaba­di ngo-1993 okusho ukuthi baneminyak­a ewu25 belapha kodwa bese kuyibona abese besitshela ukuthi kumele siqashe bani sixoshe bani.Ngabe kusamele sibathembe yini abaholi bethu? Ngibona kungayisen­zo esihle Mhleli ukuthi sixolise kumfo kaMadlokov­u ngokungaml­aleli esixwayisa.

Ngiphinde ngibonge nakuAdvoca­te Thuli Madonsela ngokuthemb­eka kwakhe okungaka akwenzele izwe lonke ngokusivul­a amehlo sibe sithi siyabona singaboni. Besihleli singazi ukuthi asisapheth­we abengabadi sesiphethw­e abokufika. Ngithi Mhleli naye uMadonsela ufanelwe wukubongwa ngokulwa nokungcola. Ukhombise ukulithand­a izwe lakhe nabantu balo. Ngabe ngiyaphosi­sa yini uma ngithi ma-Afrika sinenkinga yomhobholo ngoba uma ubheka wonke amazwe ase-Afrika agcwele ubuphofu awathuthuk­i ngenxa yabaholi abazicaban­gela bona nemindeni yabo. Petrus “umzukulu kaGogo” Radebe EMADADENI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa