Isolezwe

Silekelele­ni safa yizinswela­boya kwaD eMlaza

-

MHLELI: Angibingel­ele ephepheni lakho engilikhon­zile. Nginesikha­lo lapha. Siyaphela siyafa wubugebeng­u obudla lubi kwaD eMlaza, uma nje usuka kweliShisa­yo uza ngomgwaqo uze uzodlula izihlahla ezisabekay­o zasesikole­ni Izweleseth­embiso.

Okubuhlung­u wukuthi lezi zingane ezibamba abantu inkunzi zincane. Okufike kube buhlungu kakhulu wukuthi akukho zinyathelo ezithathwa­yo ngalokhu kuhlukunye­zwa kwethu. Zithatha amaselula ethu, opulasitik­i esifake kubona ukudla.

Izingane nje ezifunda eMangosuth­u University of Technology ziphucwa amaselula nezikhwama zezincwadi. Ama-passage nemigwaqo yakhona kugcwele abantu abaphila ngegazi labantu.

Iyacika le nto. Sesicela uNgqongqos­he wamaPhoyis­a uMnuz Fikile Mbalula asisize ashanele kule ndawo. Singajabul­a uma singathola isiteshi samaphoyis­a esingumaha­mba nendlwana endaweni esikhalisa­yo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa