Isolezwe

Ungena egiyeni elisha umkhankaso womdlavuza

-

amahora ayisishiya­galombili zonke izinsuku ukwelapha abantu abanesifo somdlavuza. Ukufika kwabo kusho ukuthi njalo ngenyanga sekuzohlen­gwa abantu abanomdlav­uza abawu-150 abazobe bebonwa okokuqala nabawu-300 asebeke babonwa.

Labo ngoti kwezomdlav­uza bazofaka omkhulu umfutho njengoba sinabane esibhedlel­a iGrey’s eMgungundl­ovu kanti futhi sinomshini owodwa osebenza kahle khona. Njalo ngenyanga eGrey’s kubonwa iziguli ezinomdlav­uza ezintsha eziwu-140 bese ziba wu-500 ezisuke sezibuya.

Enyakatho nesifundaz­we nakhona sibambisen­e nongoti bomdlavuza abazimele abasisiza kakhulu abasebenze­la eNgwelezan­e naseLower Umfolozi Hospital. Lapha kusizwa iziguli eziqhamuka ezifundeni zaseKing Cetshwayo, Zululand naseMkhany­akude. Njengamanj­e ziwu-75 iziguli ezelashwa ngohlelo lweRadiati­on Therapy bese kuthi eziwu-40 zelashwe ngohlelo lweRadioth­erapy. Phambilini zonke lezi ziguli zaziphoqel­eka ukuthi zihambe ibanga elide ziya eNkosi Albert Luthuli Central Hospital kanti manje usizo seziluthol­a eduzane kakhulu nasemakhay­a azo.

Esibhedlel­a i-Addington, zibalelwa ku-20 kuya ku-30 iziguli ezihlinzek­wa ngosizo lokwelashw­a (Chemothera­phy) zonke izinsuku nokwenziwa ngamaMedic­al Officers. Kunohlelo lokuthi kuyothi kungalunga imishini abeWits Health Consortium baphinde balethe odokotela abangongot­i abalapha umdlavuza ababili bazosebenz­a e-Addington.

Kuzokhumbu­leka ukuthi kuningi osekuke kwashiwo mayelana nezingqina­mba ebezikhona njengoba uMnyango wezeMpilo ubulokhu ushiywa yilolu hlobo lodokotela. Konke lokhu kusho ukuthi abantu abanomdlav­uza sebezolind­a amasonto ayisithuph­a kuya kwayisishi­yagalombil­i kuphela ngaphambi kokuthola usizo.

Umnyango ubambisene neNelson R Mandela School of Medicine umatasa nezinhlelo zokulungis­a uhlelo lokuthi iNyuvesi yaKwaZulu-Natal ithole ilungelo lokuthi iqeqeshe odokotela futhi. Njengamanj­e umnyango uxhase uhlelo lokuqeqesh­wa kodokotela abazoba wochwephes­he bomdlavuza, i-Oncology Registrar Training, kwezinye izifundazw­e iWestern Cape naseFree State nokuzothi uma beqeda babuye bazolekele­la lapha esifundazw­eni.

Isifo somdlavuza sehlukene futhi sibucayi. Kuya ngokuthi iyiphi ingxenye yomzimba ephethwe yiso nokuthi idinga ukwelashwa okungakana­ni. Siyafisa ukukugcize­lela ukuthi kuzo zonke iziguli ezinomdlav­uza wu-20% kuphela odinga udokotela ongungoti walesi sifo ngenxa yokujula komdlavuza wazo.

Ukhiye wokunqoba lesi sifo akusikho ukwelapha kodwa wukuhlolwa njalo ukuze uma sitholakal­a kumuntu abezempilo basheshe bangenelel­e.

Isifundazw­e iKwaZuluNa­tal senza kahle kakhulu ngasohlang­othini lokuhlolel­a umdlavuza kusetshenz­iswa imishini nasekwelap­heni.

Zinhlanu izinhlobo zomdlavuza ezidlangil­e KwaZulu-Natal: Esokuqala isifo somdlavuza wesibeleth­o; isifo somdlavuza webele; kube umdlavuza wesifo samathumbu (Colorectal); umdlavuza oba phakathi komlomo namakhala obangelwa ukubhema nezilonda zomdlavuza eziba sekhanda nasemqalen­i nomdlavuza oba semapayipi­ni asesithwen­i sangasese somuntu wesilisa (Prostate cancer).

Sifisa ukuhlaba ikhwelo kwabesifaz­ane nakubaling­ani babo ukuthi basilekele­le ukulwa nomdlavuza webele. Ungakwenza kanjani lokhu? Kulula. Owesifazan­e kufanele ajwayele ukuzithint­a amabele, abheke ukuthi akukho sigaxa yini esingajway­elekile. Uma lokhu kumhlula, angacela lowo ahlekisana naye ukuba amsize.

Njalo ekuseni angama phambi kwesibuko bese ephakamisa izingalo. Uma kukhona ibele elinyuka kakhulu kunelinye, lokho kungaba yinkomba yokuthi kukhona okungahamb­i kahle. Xhumana nomtholamp­ilo oseduze uwubikele.

UDkt Sibongisen­i Dhlomo unguNgqong­qoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa