Sebezongena noma yinini ezibhedlela
ABEFUNDISI sebezokwazi ukungena noma yinini ezibhedlela bezokhulekela iziguli.
Izolo, uNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uDkt Sibongiseni Dhlomo unike abefundisi izigqebhezana zokuthi bakwazi ukungena kalula ezibhedlela beyokhulekela iziguli.
UDhlomo ubehlangene nabefundisi esibhedlela Inkosi Albert Luthuli Central, eMayville exoxisana nabo ngokubaluleka kokuthi iziguli zithole ukudla komphefumulo ngesikhathi zisesibhedlela.
Uthe kubalulekile ukuthi iziguli zithole ukunakekelwa emphefumulweni uma zigula. UDhlomo uthe bayakuqonda ukuthi akuyona imishanguzo kuphela esindisa isiguli uma sigula.
“Nina befundisi kufanele nikwazi ukwelapha ubuhlungu bomphefumulo ngoba odokotela bakwazi ukwelapha ubuhlungu benyama kuphela. Umsebenzi wethu singabasebenzi bezempilo uxhumene nowenu ningabefundisi,” kusho uDhlomo.
Unike abefundisi izigqebhezana ezibavumela ukuthi bangene ezibhedlela noma yinini uma abasebenzi bezempilo bengematasa neziguli.
Phambilini abefundisi bebengena ezibhedlela ngesikhathi sezivakashi uma bezobheka iziguli noma bezozikhulekela.
UDhlomo uthe amakhadi azosiza ukuthi abefundisi basheshe babonakale futhi banikwe indawo yabo uma beze ezibhedlela.
Abefundisi sebezokwazi ukufika emuva kuka-11 ekuseni uma abasebenzi bezempilo sebephothule izinhlelo zabo zasekuseni neziguli.
Bazokwazi nokufika ntambama uma kunezimo eziphuthumayo eziphoqa ukuthi bazobona iziguli.
UDhlomo uthe bekulokhu kuyisifiso sabefundisi kusuka kudala ukuthi banikwe ithuba lokuhambela iziguli bangalindi isikhathi sokuvakasha.
Uthe abefundisi bebekhala ngokuthi isikhathi sokuvakasha siba sincane kakhulu futhi kusuke kuyisikhathi sokuthi iziguli zihlale nemindeni yazo nokwenza bangasitholi isikhathi esenele nazo.
Uphinde wanxusa abefundisi ukuthi bakhuthaze amalungu amabandla abo ukuthi azinakekele ukuze agweme izifo.
Ubanxuse nokuthi bakhuthaze abasebenzisa imishanguzo yezifo ezahlukene ukuthi baqhubeke nokuyisebenzisa noma bethembela emikhulekweni.
Omunye wabefundisi abathole amakhadi okungena ezibhedlela, uPastor Nkosinathi “Ndlovo” Ndlovu, usishayele ihlombe isinqumo sikaDhlomo.
Uthe kuyabajabulisa ukuthi uDhlomo uwubona ubalulekile umsebenzi abawenzayo bengabefundisi.
“Okungithinte kakhulu yilapho ungqongqoshe ekhulume ngokuthi umsebenzi wabo wukubhekana nokwelapha inyama thina owethu wukwelapha umphefumulo. Isikhathi besihlezi siyinkinga kithina uma sihambele izibhedlela. Besazi kona ukuthi kukhona imizamo ezanywa ngungqongqoshe sikuqonda nokuthi kuzothatha isikhathi ngaphambi kokuthi izinto zilunge. Sithandazile salinda. Lena yimiphumela yalokho,” kusho uNdlovu.