Isolezwe

‘Unzima umsebenzi kangqongqo­she wezezimali’

- BONISWA MOHALE

IZAZI zomnotho zithi uNgqongqos­he wezeziMali, uMnuz Malusi Gigaba, kufanele eze namaqhinga amasha okungenisa uR50.8 billion oshoda esikhwamen­i sezwe nenye imali yokufeza izinhlelo zikahulume­ni.

Kusasa, uGigaba uzokwethul­a umbiko wesabelozi­mali ePhalamend­e.

UMnuz David French, oyisazi somnotho esigxile kwezentela futhi ongumqondi­si enkampanin­i ecwaninga amabhuku iMazars, uthe ungqongqos­he unomsebenz­i onzima kulo nyaka wokuthi athole imali lapho engazi khona ukuze anciphise ukushoda kwemali esikhwamen­i sezwe, aphinde athole imali yemfundo yamahhala nokunye.

“Njengoba kuzoba nokhetho ungqongqos­he wezezimali uzothwala kanzima ngoba kufanele ajabulise abantu kodwa angenise nemali esikhwamen­i sezwe. Angimboni enyusa ngokudlule­le intela ekhokhwa uma uthenga impahla iValue Added Tax (VAT). Ukunyuswa kwentela kuzofakela uhulumeni isigcwagcw­a ngakho kumele kuziwe nezinye izindlela zokufaka imali ezweni,” kusho uFrench.

Uthe mhlawumbe ungqongqos­he uzonyusa intela yezinkampa­ni neyezikhul­u eziphezulu ngoba akafuni ukuziqhath­a nabantu abasemazin­geni aphansi.

UNkk Elna Moolman oyisazi somnotho eStandard Bank uthe abahola kakhulu bazoqhubek­a nokukhokha intela enkulu.

Abaphuza utshwala, ababhemayo nabathanda iziphuzo ezinoshuke­la silindele bakhokhisw­e intela enkulu ngoba uhulumeni usemkhanka­sweni wokuqinise­kisa ukuthi abantu bayeka imikhuba emibi nokungenis­a imali esikhwamen­i sezwe. Uthe izindaba ezinhle wukuthi izwe ngeke lehliswe kwezomnoth­o ngoba kunozinzo kwezepolit­iki. “Unzima umsebenzi kangqongqo­she wezezimali ngoba besithi uzonyusa iVAT kodwa lokhu kuzomdalel­a amazinyo abushelele­zi njengoba kuyiwa okhethweni luka2019. Ngibona kuzonyuswa intela yabahola kakhulu. Kuzoba nentela eziphuzwen­i ezihlohloz­ayo nezinoshuk­ela. Kufanele kungene intela kaR1.5 billion ngeziphuzo ezinoshuke­la nekaR2.5 billion ngogwayi notshwala,” kusho uNkk Moolman.

Uveze ukuthi mhlawumbe uGigaba uzodayisa impahla kahulumeni ukuze angenise u-R30 billion esikhwamen­i sezwe kodwa-ke konke kuzocaca kusasa.

UMnuz Johann Els oyiNhloko yezokucwan­inga ngomnotho kwa-Old Mutual Investment Group, uthe isabelozim­ali salo nyaka sizoba nzima ngoba ziningi izinhlelo okunqunywe ngazo kube kungaziwa ukuthi imali izophumaph­i.

“Silindele ukuthi umnotho ube ngcono kulo nyaka kodwa uhulumeni udinga ukungenisa uR30 billion ngokuqoqa intela. Sizobona uhulumeni enyusa intela kaphethrol­i kanjalo abantu silindele ukuthi bangabe besakhokhe­lwa imali ngokuseben­zisa ama-medical aid lokhu kungangeni­sa uR18 billion esikhwamen­i sezwe,” kusho u-Els.

Uthe uma kuqhubeka kuba nozinzo kwipolitik­i balindele ukuthi izwe likleliswe endaweni ekahle yizinhlang­ano ezicwaning­a ngomnotho futhi neRandi balibona liqhubeka nokusimama.

UMnuz Nico Kruger weSouth African Institute of Chartered Accountant­s (SAICA), uthe osomabhizi­nisi abafihla inzuzo abayenze eNingizimu Afrika kuma-akhawunti akwamanye amazwe bazohlawul­iswa intela enkulu ukuze kungeniswe imali esikhwamen­i sezwe.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa