Bakhahlela eyokudliwa komhlaba weSilo
UHULULUMENI waKwaZulu-Natal ushaya phansi ngonyawo uthi ngeke uvume Isilo samabandla uGoodwill Zwelithini siphucwe umhlaba waso.
Ethula inkulumo yakhe yesimo sesifundazwe enkundleni yezemidlalo, eRoyal Show Grounds eMgungundlovu izolo, uNdunankulu waKwaZuluNatal uMnuz Willies Mchunu uthe bakhathazekile ngendlela okusingethwe ngayo lolu daba.
“Kumele sisho ukuthi lolu daba lusingathwe ngobunuku, manje sizongenelela ukuze lusingathwe ngobunono,” kusho uMchunu.
Uthe ngeke bavume imbube iphucwe umhlaba.
Nomxhumanisi we-ANC KwaZuluNatal ophinde abe nguNgqongqoshe wezekoVakasha nokuThuthukiswa koMnotho esifundazweni, uMnuz Sihle Zikalala, uhambe emazwini kaMchunu wathi abasoze beseka isinqumo sokuthathwa komhlaba weSilo.
UZikalala unxuse ukuthi kwehliswe amaphaphu.
IKhomishini eholwa owake waba ngumengameli wakuleli uMnuz Kgalema Motlanthe iphakamise ukuthi umhlaba weSilo eKZN uthathwe ufakwe ngaphansi kukahulumeni.
Lo mhlaba wafakwa ngaphansi kweNgonyama Trust Board, ebhekelele umhlaba weSilo ngaphambi kokhetho lokuqala kwentando yabantu ngo-1994.
Lo mthetho wenziwa Inkosi Mangosuthu Buthelezi isaphethe uhulumeni waKwaZulu ngaphambi kokuthi isifundazwe singene ngaphansi kukazwelonke.
Umholi weDA esifundazweni uMnuz Zwakele Mncwango uthe kabahambisani neziphakamiso zokuthi kuphucwe imbube umhlaba.
Uthe abahambisani nokuthi abantu bathathelwe umhlaba wabo ngaphandle kwezinxephezelo.
“Nohulumeni akanalo ilungelo lokuthatha umhlaba weSilo ngoba naye akusiwo owakhe lo mhlaba,” kusho uMncwango.
Umholi weNFP esiShayamthetho uMnuz Vikizitha Mlotsha uthe uhulumeni we-ANC udlala ngegeja kuziliwe njengoba usikaza ukuthatha umhlaba weSilo.
“Kungani uhulumeni uhluleka ukuthatha umhlaba okubamhlophe njengoba usufuna oweSilo?” Kubuza uMlotshwa.
Sethula inkulumo yaso sivula isiShayamthetho Isilo sithe impi yaso isivivile ukuvikela umhlaba.
Sithe singalwa size sifike enkantolo yoMthethosisekelo.