Bawuvivele umdlalo weNedbank neBucs
ICAPE Town City ifuna ukuqeda ukucanasa kwamaqembu aseSoweto, i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs, asebeyiphendule ithofi kule sizini ka-2017/2018.
Lokhu kuhlaluke ngesikhathi leli phephandaba lixoxa noThamsanqa Mkhize oyibamba ngakwesokudla emuva. Kusasa ngo-7.30 ebusuku, iCity izoshukana nePirates eCape Town Stadium, eKapa emdlalweni weLast 16 yeNedbank Cup.
ICity ayikaze izishaye izinkunzi zaseSoweto kule sizini ka-2017/2018. Iguqiswe yi-Orlando Pirates ngo 1-0 emzuliswaneni wokuqala we-Absa Premiership ngoSepthemba 19 ngonyaka odlule.
Ngaphambi kokuthelwa othulini yiPirates ngo 1-0, iCity yayiqunjwe phansi yiKaizer Chiefs ngo 2-0 eCape Town Stadium emdlalweni weligi. La maqembu asanda kutholana phezulu emzuliswaneni wesibili weligi. Amakhosi anqobe ngo 2-0 ngoFebhuwari 17.
“Umdlalo siwulungele ngayo yonke indlela. Isifiso sethu wukufinyelela kowamanqamu walo mqhudelwano. Indaba yokuthi asikaze siwashaye amaqembu aseSoweto kule sizini akuyona into ezosiphazamisa noma ezoma endleleni yethu. Siyazi ukuthi ngeke kube ngumdlalo olula ngoba iPirates isihlangene futhi isefomini. Sidlalela ekhaya futhi asizimisele ngokuthi isishayele phambi kwabalandeli bethu. Sifuna ukudlulela emzuliswaneni olandelayo,” kusho uMkhize.
ICity yenza kahle kusukela isungulwe ngonyaka odlule. Ngonyaka wayo wokuqala ikhale yemuka nesicoco seTelkom Knockout. Ekuqaleni kwesizini ifinyelele kowamanqamu weMTN 8.
Kuyimanje leli qembu lisethubeni lokuzibekisela indawo kweyamaqoqo yeCAF Confederation Cup.
“Kuningi okuzosigqugquzela ekutheni siwine lo mdlalo. Okokuqala wukudlalela ekhaya kanti okwesibili wukuthi lo mqhudelwano uhambisana nebhonasi yokuzibekisela indawo kwiCAF Confederation Cup. Kithina kusho lukhulu ukudlala kulo mqhudelwano ngakho nangesizini ezayo sifuna ukuphindela khona. Ukudlala kuwona kuza nesipiliyoni esihlukile. Uzosisiza ekutheni sikhule njengabadlali siphinde sibhekane nabadlali abaseqophelweni eliphezulu kwamanye amazwe e-Afrika,” kusho uMkhize.
I-Pirates sekuphele amasizini amathathu nohhafu ingawini lutho. Yagcina ukuphakamisa isicoco ngayo iNedbank ngo2014 kusekhona uSenzo Meyiwa ongasekho emhlabeni.
“Okwamanje yonke into isahamba ngendlela. Sisethubeni lokuqeda endaweni ehloniphekile kwi-log kanti sisekhona nakwiNedbank Cup. KwiConfederation Cup nakhona izinto zisihambela kahle,” kusho uMkhize.