IBaroka ngeke icijwe uDoctor ngezayo
I-BAROKA FC ayizimisele ngokugixabeza uDoctor Khumalo ngesikhundla sokuqeqesha kuleli qembu.
Leli qembu lisanda kuhlukana noKgoloko Thobejane obecija iqembu. Iphini uMacDonald Makhubedu yilona elibambe izintambo.
Isikhulu esiphezulu kwiBaroka FC, uMorgan Mamilla, sitshele Isolezwe ukuthi abazimisele ngokunika uKhumalo lesi sikhundla.
“UDoctor wenza umsebenzi oncomekayo njengenhloko yethimba labaqeqeshi lapha kwiBaroka. Ngakho asikho isidingo sokumsusa esikhundleni enza kahle kusona. UMakhubedu uzobamba kuze kuphele isizini. Into esiyifunayo kuyena wukuthi afake iqembu kwiTop 8 bese enza isiqiniseko sokuthi sifinyelela kowamanqamu weNedbank Cup. Uma enze kahle, nakanjani sizomnika umsebenzi ngokugcwele. Yilokho nje esikufuna kuyena,” kusho uMamilla. UKhumalo unikwe isikhundla sokuba yinhloko yethimba labaqeqeshi kwiBaroka ekuqaleni kwesizini. “Ama-CV angena ngapha nangapha. Cishe ngosuku sithola ama-CV amathathu. Lokhu kuyizinkomba zokuthi iBaroka iyakhula njengeqembu. Nokho asizimisele ngokuwabheka lama-CV. Okwamanje seneme ngomsebenzi owenziwa nguMakhubedu kule midlalo asahlale kuyona ebhentshini futhi sihlalele ethembeni lokuthi uzoqhubeka nokuthola imiphumela emihle kuze kuphele isizini,” kusho uMamilla.
I-Baroka isanda kuzibekisela indawo kumaquarterfinal eNedbank Cup. Kwi-log ye-Absa Premiership iyibambe endaweni yesikhombisa.
“Sesifinyelele cishe amahlandla amabili kumasemi final eNedbank Cup ngakho asisabhekile ukuphelela kuma-semi final manje. Into esiyibhekile wukufinyelela kowamanqamu. Uma sesifinyelela kuwona sekungenzeka noma yini. Kwiligi nakhona iqembu liyancenga ngoba sisekhona emaqenjini ayisishiyagalombili ahlezi phezulu kwi-log,” kusho uMamilla.
Namuhla ngo-7.30 ebusuku ayaqhathwa amaqembu azotholana phezulu kumaquarterfinal.