Badinwe bashisa umuzi nepulazi lomlimi eShowe
UVUKE umbhejazane wangqongqisa ngomlilo ipulazi lomoba nomuzi womlimi umphakathi waseShowe ,eMlalazi, izolo ukhala ngokubulawa kwelungu lawo okuthiwa lidutshulwe lidoba edamini lomlimi. Umthombo uthe indaba isuswe wukubulawa kukaMnuz Sphamandla Xulu (30) okuthiwa udutshulwe unogada waseCorby Hill Farm eshisiwe. Kuthiwa amalungu omphakathi asola ukuthi umnikazi wepulazi uyalele unogada ukuthi adubule uXulu.
“Sekunesikhathi kunomsindo phakathi kwabalimi nabantu kubangwa ukuthi abantu bangena ezindaweni zabo ngenkani. Umphakathi uvale umgwaqo uR66 washisha umoba nomuzi womlimi,’’ kusho umthombo.
Kuthiwa umphakathi awulalanga, ubhikishe kusuka ngoLwesithathu uthi awusabafuni abalimi kule ndawo.
Kuthiwa amaphoyisa athwale kanzima ezama ukunqanda amalungu omphakathi abalelwa ku-300 abephaka impi eyibhekise kubalimi.
Kuthiwa umphakathi usola amaphoyisa ngokushaya ngonyawo lonwabu kulo daba ekubeni yonke into isobala.
Uyise kamufi, uMnuz Mfanufikile Xulu, uthe ufe olwembiza ngendodana yakhe obekuwukuphela kwayo. Uthi umufi ubejwayele ukuhamba nabanye abafana beya kodoba.
“Ngizele amantombazane wodwa bekunguyena omdala umfana wami. Ngibona ukuthi kufanele umsolwa adedelwe umphakathi umqhobozele umqede ukuze kuphele umsindo.’’ kusho uXulu
Uthe ngisho unina kamufi ulokhu ekhale njalo ngomfana wakhe njengoba kuthiwa ubakha indlu enkulu ekubo sekusele kancane ukuba iphele.
Uthi ziningi izigameko zokufa kwabantu bebulawa amabhunu ebashayisa nangezimoto.
Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNatal uColonel Thembeka Mbele uthe umsolwa oneminyaka engu-21 ubudala uboshiwe wavela eNkantolo yeMansthi eShowe izolo ebhekene necala lokubulala.
“Njengoba amalungu omphakathi ebhikishe ashisa izimoba nomuzi kuvulwe icala lokucekela phansi impahla nelokususa udweshu emphakathini,’’ kusho uColonel Mbele.
Umthombo uthe isimo besilokhu siya ngokwedlulela njengoba umphakathi ubunganqandeki udinwe uveva.
Imeya kaMasipala Umlalazi, uMnuz Thelumoya Zulu isigxekile isenzo sokubulawa kukaXulu yathi kuphambene nomthetho. Uzibophezele ukulekelela umndeni ngokungcwaba umufi ngoba uthole ukuthi umndeni wakhe udonsa kanzima.