Isolezwe

UHlengiwe uthi akalwi noBig Fish ngezigidi

- FANELESIBO­NGE BENGU

UMCULI wowokholo uHlengiwe Mhlaba, okuvele izinsolo zokuthi ziningi izindodla zemali angazithol­anga enkampanin­i ayeqopha kuyo phambilini, iBig Fish Music, uthi akalwi nomnikazi wayo uSipho “Big Fish” Makhabane.

UHlengiwe utshele leli phephandab­a izolo ukuthi akananxa noMakhaban­e kodwa ufuna kulungiswe izinto ezithinta umsebenzi.

“Angilwi naye. Empeleni siyakhulum­a kodwa kumele eze kimi bese siya kumuntu ozositshel­a ukuthi amaphutha esawenza yimaphi futhi singawalun­gisa kanjani,” kusho uHlengiwe.

Iphephanda­ba lesiNgisi eliphuma ngeSonto libike ukuthi uMakhabane, owavumbulu­la uHlengiwe, usolwa yilo mculi ngokudla uR8.5 million wemali etholwa ngokudlala komculo emsakazwen­i nakwezinye izindawo, okubizwa ngamaroyal­ties.

Kuvela ukuthi uHlengiwe uthole ukuthi ezingomeni zakhe ezingu-90 ezaqoqa ama-royalties akhe

kwaSouth African Music Rights Organisati­on (Samro), zingu-24 kuphela ezakhokha u-16.7% wemali okumele ize kuye.

Kuvela ukuthi ukweletwa omunye uR8.5 million wemali yokudayisw­a kwamaCD. Kuthiwa eminyakeni engu-10 wathola uR4.5 million kuMakhaban­e.

Kubikwe nokuthi ucwaningo lommeli uGraeme Gilfillan yilo oluveze ukuthi kunemali eningi ethathwe wumqambi ongaziwa obizwa ngoDominas Publicas. UHlengiwe uthe akuyena oye kwabezinda­ba eyokhuluma ngalolu daba futhi uzimisele ngokuthi luphothulw­e nguMakhaba­ne naye ngosizo lomuntu owazi ibhizinisi lomculo.

“Angizicaba­ngeli mina ngedwa kodwa ngicabange­la umculo waseNingiz­imu Afrika wonke. Ngicabanga ukuthi izinga kumele ngabe likude kakhulu. INigeria iyasihlula ngoba abaculi bakhona bakhokhelw­a kakhulu kunathi.”

UMakhabane uthe abantu abazi iqiniso nguye, uHlengiwe noNkulunku­lu.

“Iqiniso engilaziyo mina elokungena estudiyo ngiyoqopha. Obekwenzek­a ngemuva kwalokho angikwazi,” kusho uHlengiwe obiza uMakhabane ngoDaddy.

Uthe njengoba ezimele kuyasebenz­eka yize esacathula futhi usafunda izinto eziningi. Uthe usazophush­a i-albhamu yakhe iSthandwa Sami ethokozelw­a kakhulu ngabantu.

“Ngiyakubon­ga ukwesekwa engikuthol­ayo. Ngicabanga ukuthi ngaphambi kokuphela konyaka ngizokhiph­a enye yesiNgisi.”

 ??  ?? UMCULI womculo wokholo u Hlengiwe Mhlaba uthi akasoze alwa noSipho Makhabane ngoba uwubaba kuye futhi uyamhlonip­ha
UMCULI womculo wokholo u Hlengiwe Mhlaba uthi akasoze alwa noSipho Makhabane ngoba uwubaba kuye futhi uyamhlonip­ha
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa