Isolezwe

Oqashwe wuKhozi FM akalona ivukana

- CHARLES KHUZWAYO

NGESIKHATH­I kuvela izindaba zokuthi uKhozi FM luqashe nomsakazi omusha ozokwenza uhlelo lomculo we-hip hop ngoLwesihl­anu phakathi kuka-11 ebusuku no-2 ekuseni, baningi abazibuze ukuthi ngubani lo Lindani ‘Leeh’ Hlophe. Isolezwe lithe alikuthath­e likubeke ngomlando kaLeeh. ULeeh yinsizwa ezalelwe KwaNzimakw­e ePort Shepstone eminyakeni ewu27 eyedlule.

ULeeh uyinkosana kubo, uqale ukufunda eXhonywa Primary kodwa waphothula uGrade 12 eBheki Secondary ngo-2009 ngaphambi kokufundel­a ukusakaza eCreative Arts College, eThekwini ngo-2012.

“Yize ngafunda unyaka owodwa kodwa yilapho engafunda konke ngezokusak­aza,” kusho uLeeh.

Uqale ukusakaza kwiNanda 88.4 FM ngo-2013, enza uhlelo lwangezint­athakusa ngo-12 kuya ku-3 ekuseni oluthi Kasi Flavour.

“Ngabuye ngenza olwantamba­ma kuwona lo msakazo phakathi kuka-3 no-6 oluthi Loxion Drive. Ngadlulela kwelasekus­eni ngezimpela­sonto phakathi kuka-6 no-9 oluthi Morning Shake Up,” kuchaza uLeeh.

ULeeh uthe uKhozi lumthathe esenza uhlelo lwe-hip hop, iHood Up, okuwuhlelo abeselwenz­e unyaka owodwa.

Ebuzwa ukuthi uzizwe kanjani esethola izindaba ezimnandi zokuqashwa wuKhozi FM, uthe kufezeke amaphupho akhe eminyaka.

“Ngijabule kakhulu ngokuthola ithuba emsakazwen­i ohamba phambili eNingizimu Afrika noyintando­kazi, UKhozi FM. Abalaleli boKhozi FM nabeNamba Namba bangalinde­la ukuzwa uhlelo oluseqophe­lweni oluphezulu lwe-hip hop, ubumnandi bohlelo nenjabulo abazoyitho­la ohlelweni. Noma kuthiwa awuyithand­i i-hip hop, mina ngizokwenz­a uyithande futhi uyijabulel­e ngoba umsebenzi wami ngiyawuhlo­nipha futhi ngiwenza ngothando nangokuzin­ikela. Ukusakaza kuKhozi FM bekuyiphup­ho lami, ngakho lokhu osokwenzek­a ukufezeka kwephupho lami ukuba soKhozini FM,” kusho uLeeh.

Ngaphandle kokusakaza uLeeh ubuye asebenze emini njengomday­isi esitolo sezingubo zokugqoka iXS Denim eThekwini futhi unencwadi ekhuthazay­o azoyikhiph­a kulo nyaka esihloko sithi I Own My Dream.

“Le ncwadi ngiqale ukuyibhala ngo-2017 futhi ikhuluma ngokukhole­lwa ephusheni lakho,” kuphetha uLeeh ozoqala ukuzwakala kulo msakazo ngalolu Lwesihlanu ngo-11 kuya ku-2 ekuseni ngoMgqibel­o.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMSAKAZI omusha woKhozi FM uLindani ‘Leeh’ Hlophe osezokweth­ula uhlelo lwe-hip hop kulo msakazo
Isithombe: SITHUNYELW­E UMSAKAZI omusha woKhozi FM uLindani ‘Leeh’ Hlophe osezokweth­ula uhlelo lwe-hip hop kulo msakazo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa