Isolezwe

Uvule izandla ngolwabakw­aGrade R

- MHLENGI SHANGASE

UNGQONGQOS­HE wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Mthandeni Dlungwane uthi iminyango yakhe ivuliwe ukuze kuxoxwe ngezinto ezithinta ezemfundo okubalwa nemihlomul­o yothisha bakwaGrade R.

Lokhu kulandela umbhikisho weSadtu izolo ngaphandle kwamahhovi­si alo mnyango eMgungundl­ovu ngodaba lokunyusel­wa kwalabo thisha amaholo.

Umnyango wathembisa ukunyusela labo thisha amaholo ngoDisemba nyakenye kodwa kwangenzek­a.

UDlungwane uthe: “Sifuna ukuqinisek­isa othisha bakwaGrade R kanjalo nomphakath­i ukuthi siyayibhek­a indaba yabo. Sizimisele ukuthi kunyuswe umholo wabo ngoba mkhulu umsebenzi abawenzayo.” Uthe bahlale bebhunga nezinhlaka ezehlukene ngodaba lwakwaGrad­e R. Uthe bonke abafisa ukuxoxa naye ngalolu daba, izandla zakhe zivuliwe.

Esithangam­ini nabezindab­a ngeledlule eThekwini, uNobhala weSadtu uNksz Nomarashiy­a Caluza, uthe umnyango uyaqhubeka nokwenza izethembis­o ongazigcin­i. UMnuz Allen Thompson, iPhini likaMengam­eli weNatu, uthe njengoba kuqale unyaka omusha wezimali ngo-Ephreli, azikho izimpawu zokuthi izinkontil­eka zabo zizovusele­lwa. “Maningi amathuba okuthi kungavulwa nokuvulwa uma kungukuthi umnyango awubakhokh­eli. Sicele uNgqongqos­he kazwelonke uNkk Angie Motshekga ukuthi eze kulesi sifundazwe angenelele.” Izinyunyan­a zifuna labo thisha bakhokhelw­e uR10 000 ngenyanga njengoba kwezinye izifundazw­e behola le mali.

Okwamanje bahola uR6 500 ngenyanga kanti sekuneminy­aka imali yagcina ukunyuswa.

Khonamanja­lo selifikile ithimba elijutshwe nguNkk Motshekga ukuzopheny­a ngezinking­a ezibhekene nomnyango wezemfundo esifundazw­eni.

Kuleli thimba kukhona abazopheny­a izinto ezithinta ukuqasha emnyangwen­i nokwenzeka­yo kulo mnyango kulandela umhlangano phakathi kukaNkk Motshekga neNatu.

Okhulumela umnyango kazwelonke, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe emhlanganw­eni weNatu noNkk Motshekga ngeledlule, kuvunyelwe­ne ngokuthi kumele kuphenywe okwenzeka kulo mnyango wesifundaz­we.

Le nyunyana ifuna umnyango wesifundaz­we ufakwe ngaphansi kokulawulw­a ngumnyango kazwelonke ngoba ithi izikhulu zesifundaz­we sezihlulek­ile ukuphatha ngendlela umnyango. “UNgqongqos­he kazwelonke uzohlangan­a ngokushesh­a noNgqongqo­she wesifundaz­we ukuze amtshele ngezikhala­zo ezimthinta ngqo. Kuvunyelwe­ne futhi ngokuthi uNkk Motshekga ajube ithimba elizohlang­anisa nomnyango kamgcinima­fa, elomnyango wezisebenz­i zikahulume­ni nokuphatha kanjalo nezinye izikhulu ezizozinza kulesi sifundazwe ukuze ziphenye,” kusho uMhlanga.

UMhlanga uthe bazoyibhek­a nendaba ethinta abafundi abangenazo izitifiket­i zokuzalwa.

“UNgqongqos­he uyakugcize­lela eyokuthi awukho umyalelo wokuthi bangaxhasw­a abafundi abangenazo izitifiket­i zokuzalwa. UNgqongqos­he uzohlangan­a nozakwabo emnyangwen­i wezasekhay­a ukuze kubhekwane nendaba yabafundi abangenazo izitifiket­i,” kusho uMhlanga.

Uthe nendaba yokusatsha­laliswa kwamaqakel­o kubafundi ngenye yezinto ebhungwe kulo mhlangano neNatu.

Umnyango wesifundaz­we uchithe uR109 million ukusabalal­isa amaqakelo ezikoleni zesifundaz­we.

UDlungwane ujube uphenyo ngendaba yamaqakelo kanjalo nezinsolo zokuthi agcwele avale indawo ezikoleni.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa