Ukhale ngeSadtu esula isigubhukane
UKHALE ngeSadtu esula emsebenzini obeyisikhulu soMnyango wezeMfundo esifundeni uMlaza, uMnuz Bheki Ntuli ngemuva kweminyaka eyisishiyagalombili ekulesi sikhundla.
UNtuli, osule ngokushesha ngoMsombuluko ukhale ngokungavikelwa nguMnyango wezeMfundo njengoba iSadtu imtelekele inyanga yonke kaMashi ifuna aphume aphele kulesi sikhundla.
Enye yezinto akhale ngazo uNtuli ngukuthi iSadtu ibifuna ukudayisa izikhala zothisha, zothishanhloko, amaphini abo kanjalo nezinhloko zeminyango, ngenkani.
Ethintwa izolo ucele ukungaphawuli ngoba ethi akakwazi ukulwa nomnyango ngoba uphethwe abaholi bakhe.
Umthombo osondelene noNtuli, ocele ukungavezwa, uthe uNtuli ubethola izinsongo zokubulawa nokuthunjwa kwezingane zakhe.
“Ibisimfake engozini ngoba inyanga yonke bemtelekela, komunye umhlangano wadonsa ekuseni waze waphela ngakusasa evalelwe iSadtu kukhona abakhipha igama lokuthi akashawe. Kuyaziwa-ke ukuthi kwezemfundo izinkabi ziyathengwa, othisha bahlale bebulawa. Uzoke athi ukuphumula ngoba ubethwele kanzima ngoba iSadtu izifuna ngenkani izikhundla,” kusho umthombo.
Akuqali ukuvela kwezinsolo zokuthi amanye amalungu ale nyunyana ayabandakanyeka ekudayisweni kwezikhala zokufundisa.
UNgqongqoshe kazwelonke uNkk Angie Motshekga wajuba ithimba elaphenya izinsolo zokudayiswa kwezikhala.
Umthombo uthe bekungafundwa eMlaza, iSadtu iqhinqe eTruro House yaze yacekela phansi amapayipi amanzi nogesi.
“Umnyango akukho okwenzile. Inhloko yomnyango (Dkt Enock Nzama) yabikelwa yangenza lutho. Ngisho uNgqongqoshe (Mthandeni Dlungwane) abenzanga lutho ukuthola nje incwadi yenkantolo ezovimbela iSadtu ukuthi yenze umathanda ngoba abaqondisi beminyango basuke bemele uNzama. Iyazicanasela nje iSadtu ayibanjelwa mali futhi ayiqondiswa bugwegwe ngokungayi ezikoleni inyanga yonke. Umkhankaso obuhleliwe lo ukuthi akhishwe uNtuli, eMlaza ukuze kudayiswe udede izikhundla. Umbango omkhulu weSadtu izikhundla,” kuqhuba umthombo.
Umeluleki wezomthetho kaNtuli, uMnuz Sipho Sithole, ukuqinisekisile ukuthi uNtuli usulile wathi uthumele incwadi yokusula lapho ebechaza khona konke emnyangweni.
Umthombo uthe iSadtu iyibulele imfundo ngoba ifuna ukuzenzela umathanda.
“Okubuhlungu ngukuthi noma angahamba uNtuli, nakwezinye izifunda kuzoba esifanayo uma ingakufuni iSadtu uzohamba. Baningi abaqondisi asebeshiyile, singabala eHarry Gwala, Pinetown nakwezinye izindawo ngoba iSadtu ingabafuni.”
Ebuzwa ngeledlule ngezinsolo zokuthi iSadtu iyona eshaya amaphiko emnyangweni, uDlungwane wakuchitha lokhu wathi “imina engiphethe hhayi omunye umuntu.”
UNobhala weSadtu esifundazweni, uNksz Nomarashiya Caluza, uthe unamanga uNtuli uma ethi iSadtu ibifuna ukudayisa izikhala.
“Siyakwamukela ukusula kwakhe sekuzoke kusebenzeke. Uyazazi izikhalo ebesinazo ngoMlaza kungekho uhlelo olucacile lokuphucula imiphumela ekubeni isifunda sehlelwa izinga lokuphasa. Besikhala ngezinto ezithinta imfundo, abantu bayathanda ukugijimela eyokudayiswa kwezikhala ngoba yinto edumile. Uphenyo lukazwelonke lwayikhipha phambili iSadtu odabeni lokudayiswa kwezikhala.”
Uthe bazokhipha isitatimende ngemuva komhlangano oyisipesheli wabaholi esizobe sibalula izinto abebekhala ngazo eMlaza.