Isolezwe

Bakhathele wukulinda umnyama ongenafu ababengama­sosha

- MHLENGI SHANGASE

BAGASELE eCity Hall eThekwini izolo ekuseni omakadebon­a be-ANC ababengama­sosha e-MKMVA esifundeni iTheku befuna ukubonana neMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede bekhala ngokungase­benzi.

Omakadebon­a bagasele kule ndawo ngabo-6 ekuseni kwaze kwaba yintambama bethi abayi ndawo balinde iMeya ngoba bafuna ukubhekele­leka.

Bebecula izingoma zomzabalaz­o amaphoyisa enkanise yonke indawo eqaphe isimo. Amanye amalungu ale nhlangano acele ukungavezw­a, athe asekhathel­e ukulinda umnyama ongenafu ngoba alambile. Athe athenjiswa ukuthi azofakwa emikhakhen­i ethile emkhandlwi­ni ukuze asebenze.

“Silambile, indlala ikwenza wenze noma yini. Sikhathele ukulinda into engekho emkhandlwi­ni,” kusho elinye ilungu le-MKMVA.

Elinye ilungu lithe baneziqu kodwa abasebenzi ekubeni balwela inkululeko.

“Asifuni ukukhangez­wa sifuna ukunikwa umsebenzi sisebenze. Imeya yasithembi­sa ukuthi izozama kodwa kuze kube yimanje akwenzeki lutho. Uphiko lwentsha lufuna kube yintsha engu-40% ezofakwa ezikhundle­ni, abesifazan­e be-ANC bafuna u-50% thina sifuna u-10% kuphela hhayi into eningi,” kusho elinye ilungu.

Athe awafuni ukusebenzi­sa izinto azifunda ehlathini ukuze aziphilise.

“Siziphethe kahle noma silambile. Ukuhamba kancane kwezinto kwenza abanye baphelelwa yisineke bangena ngodli ezindlini zomxhaso ezindaweni ezehlukene. Asifuni ukuthi sifane nezinye izinhlanga­no ezisebenzi­sa udlame ukuze zithole ezikufunay­o.”

Okhulumela iMeya, uMnuz Mthunzi Gumede, uthe bayaqhubek­a nokuxoxisa­na neMKMVA.

Uthe akekho obikile ukuthi usatshisiw­e noma ukuphazami­seka kokusebenz­a kweCity Hall (okunamahho­visi omkhandlu neleMeya).

“Sizoqhubek­a sixoxe size sifinyelel­e esivumelwa­neni.”

 ??  ?? AMAPHOYISA abeqaphe isimo eCity Hall eThekwini izolo njengoba amalungu eMKMVA eThekwini egasele kulawa mahhovisi efuna ukukhuluma neMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede
Isithombe:BONGANI MBATHA (ANA) AFRICAN NEWS AGENCY
AMAPHOYISA abeqaphe isimo eCity Hall eThekwini izolo njengoba amalungu eMKMVA eThekwini egasele kulawa mahhovisi efuna ukukhuluma neMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede Isithombe:BONGANI MBATHA (ANA) AFRICAN NEWS AGENCY

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa