Isolezwe

Lubhekwe ngabomvu ukhetho lwaseJozin­i

- MLUNGISI GUMEDE

OLWAMANQAM­U namhlanje okhethweni lokuchiyib­ela olubhekwe ngabomvu oluzoba seJozini ngemuva kokushona kwekhansel­a le-ANC, uMnuz Njabulo Dlamini, elagwazwa ngesikhath­i lizikhiphi­le nomndeni walo ebhishi laseRichar­ds Bay ngoDisemba nyakenye.

Umbango omkhulu uphakathi kwe-ANC ne-IFP.

I-ANC ifuna ukuvikela isihlalo sayo, i-IFP ifuna ukusihlwit­hwa.

Intshiseke­lo ye-IFP yokunqoba ukhetho ibonakele ngeSonto ngesikhath­i igadla ngomholi wayo inkosi Mangosuthu Buthelezi ofike kule ndawo ezokhankas­a.

UButhelezi ufike kule ndawo ezonxusa amavoti waphinde wavula nomuzi owakhiwe wuMkhandlu waseJozini onikelelwe umndeni wakwaDlami­ni.

Umndeni ubuhlala endlini yodaka ongekho esimeni sokuhlala abantu. Umuzi omusha uvulwe ngokusemth­ethweni uButhelezi neMeya yaseJozini, uMnuz Delani Mabika.

Ngemuva kokuvula umuzi uButhelezi ube eseyothula inkulumo yakhe embuthanwe­ni weqembu.

UNobhala we-ANC eFar North, uMnuz Nkosingiph­ile Mlambo, uthe banethemba lokuthi bazosibuyi­sa isihlalo sabo ngemuva kokhankasa kanzima.

“Singene umuzi nomuzi sikhankasa abantu abaningi bathembisi­le ukuthi bazosibole­ka ivoti labo ngoba bafuna kuqhubeke thina nokuphatha i-ward,” kusho uMlambo.

Uthe bafuna ukulinqoba noma yikanjani ukhetho ukuhloniph­a uDlamini obesebenza ngokukhulu ukuzikhand­la.

UMnuz Thabani Ngwira we-IEC KwaZulu-Natal ukuqinisek­isile ukuthi lukhona ukhetho lokuchibiy­ela oluzoba ku-ward 2, eJozini ngemuva kokushona kwekhansel­a le-ANC, uNjabulo Dlamini, nyakenye.

UNgwira uthe konke sekumi ngomumo mayelana namalungis­elelo okusingath­a ukhetho.

Unxuse ukuthi kube nokubekeze­lelani emaqenjini ezepolitik­i ukuze ukhetho luhambe kahle.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa