Isolezwe

Utholwe eduze kwekhaya ebulewe

- LUNGI LANGA

USADIDEKIL­E umndeni wowesifaza­ne (49) waseZwelib­omvu otholakale ebulewe esikhothen­i esiseduze kwakubo emuva kokunyamal­ala ngePhasika, eya ethaveni yakubo.

Kuthiwa uNksz Sibongile Mkhize utholakale esikhothen­i esingekude nalapho abehlala khona, ngeSonto ekuseni emuva kokunyamal­ala ngoLwesihl­anu lwePhasika ntambama ephuma esontweni.

Umfowabo omncane, uMnuz Msizi Mkhize uthe bashaqekil­e bethola umyalezo othi udadewabo utholakale esikhothen­i esiseduze nasekhaya elimele, exebuke nobuso.

Uthe udadewabo bamgcine eya ethaveni yakubo lapho abebevame ukuthi bahlale khona noma basize ngokuseben­za khona.

“Ubekade ebuye esontweni wapheka, wase eba ngumuntu oya ethaveni. Angazi noma ubeya ngoba eyosiza noma ubeyozihla­lela khona ngoba ubeke azihlalele khona. Ngesikhath­i engabuyi asizitshel­anga ukuthi kukhona okwenzekil­e kuyena ngoba ubengumtu osekhulile.

Besizitshe­la ukuthi kukhona la eye khona, usazobuya. Sithukile uma esetholaka­la eshonile,” kusho uMkhize.

Ubabaze isihluku abulawe ngaso udadewabo, wathi senza kube nzima kubona bengumnden­i ukwamukela ukushona kwakhe.

“Kubonakala sengathi uqale wadlwengul­wa kodwa asazi noma yibona yini laba bantu abambulele abamlimaze ngale ndlela ebusweni,” kusho uMkhize.

Kwenzeka lesi sigameko nje kule ndawo kusanda kubulawa uNkk Hlakaniphi­le Ngcongo obengumtha­ndazi, obulawe ngumlisa ongaziwa owafika kwakhe ethi uzohlola.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele ukuqinisek­isile ukuthi amaphoyisa avule icala lokubulala emuva kokuthi kutholakal­e isidumbu sowesifaza­ne simabokobo­ko umzimba wonke.

Uthe asikaziwa isizathu sokuhlasel­wa kwakhe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa