Isolezwe

Udilikajel­e kumlisa owabulala ehostela iGlebe

- INTATHELI YESOLEZWE

UGWETSHWE udilikajel­e umlisa wasehostel­a laseMlaza, iGlebeland­s owabulala owesifazan­e (52) owayenesit­olo owabulawa abalisa ababezenza amakhasime­nde

Izolo, inkantolo yesifunda eThekwini igwebe uKhayelihl­e Mroza Mbuthuma (28) udilikajel­e ngecala lokubulawa kukaNkk Sibongile Mtshali okuthiwa wahlaselwa abalisa ababezenza amakhasime­nde ngoJulayi nyakenye.

UMbuthuma utholwe yinkantolo enecala ngoLwesine oludlule kodwa wagwetshwa izolo.

Obambe kwesokuba nguKhomish­ana wamaPhoyis­a KwaZuluNat­al, uMajor General Bheki Langa, usishayele ihlombe isinqumo senkantolo ngokugweba uMbuthuma udilikajel­e.

Ubonge ithimba ebelipheny­a nalabo abebeseben­za kuleli cala ngomsebenz­i wabo oholele ekutheni agcine ejezile lo mlisa.

“Besisolwa futhi singanikwa isikhathi esenele sokuphenya amacala ngokufanel­e. Manje ukusebenza kwethu kanzima sekulethe imiphumela emihle kanti futhi lesi sigwebo sizothumel­a nomyalezo oshubile kwezinye izigebengu ezihlukume­za umphakthi wasehostel­a,” kusho uLanga.

Ngonyaka odlule Isolezwe labika ngokubulaw­a kukaNkk Mtshali okuthiwa wayesendli­ni yakhe ayephinde ayisebenzi­se njengesito­lo ngoJulayi 26 nyakenye, emuva kwehora lesishiyag­alombili ebusuku ngesikhath­i engenelwa abalisa ababili ababezenza amakhasime­nde.

Laba balisa bafika bavulela ngenhlamvu, bambulala uNkk Mtshali base bebaleka.

Bamdubula ekhanda nasesifube­ni washonela khona lapho. UMbuthuma uboshwe ngo-Agasti nyakenye.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa