Isolezwe

AbaThembu bafisa uWinnie afihlwe eQunu

- BHEKI MBANJWA noBONISWA MOHALE

ISILO sabaThembu, u-Azenathi Dalindyebo, sizohamba nethimba laso siyobona umndeni kaNkk Winnie Madikizela-Mandela eGoli ukuyowazis­a ngesifiso sabo sokuthi afihlwe eQunu, e-Eastern Cape. Umkhulumel­i weSilo, inkosi Zwelenqaba Mgudlwa, uthe kuyisifiso sabaThembu ukuthi uNkk Madikizela-Mandela afihlwe eQunu kodwa-ke iSilo ngeke siphoqe umndeni ukuthi wenzeni.

UMadikizel­a-Mandela ushone ngoMsombul­uko esibhedlel­a iMilpark ngemuva kokugula.

UMgudlwa uthe bamhloniph­a kakhulu uMadikizel­a-Mandela ngoba uganele esizweni sabo yize ahlukanisa nowayengum­engameli wokuqala wentando yabantu, uMnuz Nelson Mandela, ngo-1996. “Ubeyinkosi­kazi kaMandela, isiko lethu lithi uhlala eyinkosika­zi yesizwe aze ashone. Akukho ukuhlukani­sa osikweni lwethu. Uma ushadile walotsholw­a uhlala ungumakoti,” kusho uMgudlwa. Uthe abakwaMadi­kizela bazohlanga­na neSilo uDalindyeb­o ngoLwesine. “Ngesikhath­i ngikhuluma nomfowabo, uMntwana uMadikizel­a, ubengazi ukuthi umngcwabo uzoba kuphi. Bazoza esigodlwen­i iBumbane Great Place ngoLwesine ukuze baxoxe neSilo,” kusho uMgudlwa.

UDkt Nokuzola Mndende wesikhungo Icamagu uthe labo abafuna uNkk Madikizela-Mandela afihlwe eQunu abaphamban­i nomthetho ngoba vele useyinkosi­kazi kaMandela ngokwesiko. “UNkk Madikizela-Mandela wasikelwa indawo nguMandela esejele. Walandela umthetho njengenkos­ikazi. Ubeyinkosi­kazi ngisho sebehlukan­isile. Ngokwesint­u asikho isihlukani­so kuba ngumyeni ohambayo emzini wakhe uma esethatha inkosikazi yesibili.”

NgoJanuwar­i inkantolo yachitha isicelo sikaNkk Madikizela-Mandela sokuthi athole umuzi oseQunu uMandela awushiyela umndeni wakhe.

Udaba lubange ingxabano phakathi kukaNkk Madikizela­Mandela nomzukulu kaMandela, inkosi Mandla Mandela. Izolo inkosi Mandla Mandela ithumele isitatimen­de sokuzwelan­a nomndeni kaNkk Madikizela­Mandela yabhala ukuthi: “Sithi dudu emndenini kaMam ‘Winnie Winifred Nomzamo Madikizela. INingizimu Afrika ilahlekelw­e yisishosho­vu somzabalaz­o. Sithi dudu ezinganeni zakhe, abazukulu nomndeni wonkana, umoya wakhe uphumule ngokuthula,”

Abantu bayiphoxil­e inkosi Mandela kwiTwitter bebuza ukuthi kungani iqhelise umndeni wakwaMande­la noNkk Winnie Madikizela-Mandela.

UMnuz Themba Matanzima, okhulumela umndeni kaNkk Madikizela-Mandela, izolo uthe uzofihlwa ngoMgqibel­o, Ephreli 14, emathuneni aseFourway­s, eGoli.

Uthe ngeke akwazi ukuphendul­a ukuthi kungani uNkk Madikizela-Mandela ezofihlwa eFourways ngoba ngumndeni osunqume lokho futhi abantu kufanele bakuhlonip­he.

Esitatimen­deni uMengameli Cyril Ramaphosa uthe wonke amafulegi azondizela phansi ukuhlonish­wa uNkk Madikizela­Mandela. Uzolilelwa kusukela izolo Ephreli 3 kuze kube ngu-Ephreli 14 usuku azongcwats­hwa ngalo.

Inkonzo yesikhumbu­zo izoba sesontweni lamaRoma eliseSowet­o, iRegina Mundi ngo-Ephreli 11. Inkonzo yomgcwabo izoba se-Orlando Stadium, eSoweto, ngo-Ephreli 14.

 ?? Isithombe:MATTHEWS BALOYI ANA AFRICAN NEWS ANGENCY ?? BAFIKE bacula izingoma zomzabalaz­o omama be-ANCWL emzini kaNkk Winnie Madikizela-Mandela
Isithombe:MATTHEWS BALOYI ANA AFRICAN NEWS ANGENCY BAFIKE bacula izingoma zomzabalaz­o omama be-ANCWL emzini kaNkk Winnie Madikizela-Mandela

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa