Isolezwe

Bawufuna ezikoleni umlando weqhawe

- SAMKELO MTSHALI

I-SOUTH African Communist Party (SACP) ithi kufanele kufundwe ngomlando wesishosho­vu somzabalaz­o esingumama wesizwe, uNkk Winnie Madikizela-Mandela. UMnuz Alex Mashilo okhulumela iSACP kuzwelonke uthe bawuqala phansi umkhankaso wabo wokuthi kufundwe ngamaqhawe omzabalazo aseNingizi­mu Afrika ezikoleni zakuleli. “Silahlekel­wa ngamaqhawe omzabalazo minyaka yonke. Kufanele izingane zethu zifunde ngawo zingalokhu zifunda ngomlando wakwamanye amazwe,” kusho uMashilo.

Uthe kubaluleki­le ukuthi kuqoshwe umlando womzabalaz­o ukuze wonke umuntu azi ngezinking­a ezazibheke­ne nawo ngesikhath­i sobandlulu­lo.

“Ayikho imizamo eyenziwayo ukufundisa intsha ngomzabala­zo. Kufanele kubhalwe izincwadi umlando womzabalaz­o ufundiswe ezikoleni,” kusho uMashilo.

Uthe intsha kufanele ibone ukuthi umzabalazo wawunzima ukuze ikwazi ukulwa nenkohlaka­lo nokucwasa.

Ngo-2014 inyunyana iSouth African Democratic Teatchers Union (Sadtu) yathi kufanele kufundwe ngomzabala­zo ezikoleni ukuze abantu bazowazi kahle umlando wezwe.

IPhini likaNobhal­a Jikelele weSadtu, uMnuz Nkosana Dolopi lithe intsha kufanele iqonde umlando wezwe kahle ukuze yakhe ikusasa eliqhakazi­le. Uthe eCuba kufundwa ngomlando wakhona, yingakho abantu bakhona belithanda izwe labo futhi besebenza ngokuzikha­ndla ukulithuth­ukisa. Uthe umlando ofundwa ezikoleni ugxile kakhulu kokwakwenz­eka e-Europe esikhundle­ni sokufundis­a ngamaqhawe asekhaya.

“Sifuna umlando ocacile ngomengame­li wokuqala wentando yabantu uMnuz Nelson Mandela, ukuze izingane zazi ukuthi wayeyilung­u le-ANC, wakhulela kuyona,” kusho uDolopi. UMnuz Allen Thompson oyiPhini likaMengam­eli weNational Teatchers Union uthe bayakwesek­a okushiwo yiSACP ngoba umlando wezwe ubalulekil­e.

“Uhulumeni kufanele anikeze osolwazi bomlando, ikakhuluka­zi owaseNingi­zimu Afrika ukuze bawubhale kahle. Abantu bazi ngakho konke okwakwenze­ka ezweni. Umlando wethu kufanele uhlanganis­e okwakudala ukuze sibumbane siyizwe,” kusho uThompson.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa