Isolezwe

Sizomvikel­a njengoba eseshonile - Juju

- BONISWA MOHALE

UMHOLI we-EFF uMnuz Julius Malema uthe iNingizimu Afrika ayisoze iphinde ifane njengoba singasekho isishoshov­u somzabalaz­o ebesinguma­ma wesizwe, uNkk Winnie Madikizela­Mandela.

UMalema obevakashe­le umndeni kaNkk Madikizela­Mandela emzini wawo okuMaseli Street, eSoweto, uthe ubengumama wawo wonke umuntu ngakho i-ANC akufanele imenze owayo yodwa. “Sahluleka wukumvikel­a umama uWinnie, kwakufanel­e kube wuyena umengameli wezwe kodwa wayalelwa ukuthi angalungen­eli ukhetho lwesikhund­la sephini likamengam­eli we-ANC engqungqut­heleni eyayiseMaf­ikeng. Ukube walungenel­a ngabe uZuma (Jacob) akazange abe ngumengame­li. Sizomvikel­a umama njengoba eseshonile ngeke sivume ukuthi abantu akade bengamfuni benze sengathi bebemthand­a,” kusho uMalema.

Uthe uNkk Madikizela­Mandela uzabalazel­e bonke abantu baseNingiz­imu Afrika ngisho nabamzonda­yo.

“Umama (Nkk Madikizela­Mandela) usizabalaz­ele sonke, ubesithand­a sonke ngisho nalabo akade bengamfuni. Ngiyababon­a nje lapha sekuyibona abakhuluma kakhulu bezenza sengathi bebemthand­a. Sizobacela ukuthi bahambe futhi uma beqhubeka nokuzenzis­a sizobadalu­la emphakathi­ni,” kusho uMalema ongazange athande ukuphendul­a imibuzo yezintathe­li izolo.

UNkk Madikizela-Mandela ushone ngoMsombul­uko eneminyaka engu-81, esibhedlel­a iNetcare Milpark esiseGaute­ng.

Abaholi bebelokhu bengenile emzini kaNkk Madikizela­Mandela oseSoweto izolo kanti uNgqongqos­he wezobuCiko namaSiko, uMnuz Nathi Mthethwa uthe akekho omunye umholi oyofana noNkk Madikizela­Mandela ngokuthand­a isizwe, nokulwela amalungelo aso.

UMengameli Cyril Ramaphosa uthe uNkk Madikizela-Mandela ubengumama othanda ubunye ehlanganis­a wonke amalungu e-ANC nabantu baseNingiz­imu Afrika bonkana.

“Ubengumunt­u othanda ubumbano futhi eneqiniso. Ubesihlang­anisa singabahol­i, asiluleke asikhuze uma kukhona lapho singenzi kahle khona. Sizomhloni­pha ngomngcwab­o wesizwe onikezwa amagugu ethu,” kusho uRamaphosa.

UNgqongqos­he wezokuXhum­ana uNkk Nomvula Mokonyane uthe bebenobudl­elwano bukamama nendodakaz­i benoNkk Madikizela­Mandela futhi ubexoxa naye ngayo yonke into.

 ?? Isithombe: MATTHEWS BALOYI/ ANA AFRICAN NEWS ANGENCY ?? UMHOLI we-EFF uMnuz Julius Malema uthe uNkk Winnie Madikizela­Mandela ubengumama wawo wonke umuntu waseNingiz­imu Afrika ngakho i-ANC akumele imenze owayo yodwa
Isithombe: MATTHEWS BALOYI/ ANA AFRICAN NEWS ANGENCY UMHOLI we-EFF uMnuz Julius Malema uthe uNkk Winnie Madikizela­Mandela ubengumama wawo wonke umuntu waseNingiz­imu Afrika ngakho i-ANC akumele imenze owayo yodwa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa